Ezokungcebeleka

UMacG ubonga ithuba lokubonakala emdlalweni Ishaka-Ilembe

Nokubongwa Phenyane|Published

UMacG ojabule ngokubonakala esiqeshini somdlalo Ishaka-Ilembe ngeSonto

Image: Sigciniwe

BASALE bemangele ababukeli bomdlalo Ishaka-Ilembe ngeSonto kubonakala osaziwayo abangadumile ekulingiseni, uMacG noRobot Boii.

UMacG ogama lakhe lokuzalwa nguMacGyver Mukwevho, uzakhele igama kuleli ngokuba nePodcast, lapho eba nezinkulumo ngxoxo nosaziwayo abahlukene.

URobot Boii oyindodana yembongi uMzwakhe Mbuli,  uzakhele igama ngemidanso ehlukene egcine imenza abonakale ezingomeni ezehlukene.

ROBOT Boii

Image: Sigciniwe

Babonakale kwesinye seziwombe lapho bekunebutho, okugcine ngokuthi ikhamera ihlale kubona.

URobot Boii ubeyimbongi ehasha iNkosi uPhakathwayo (Akhona Ndlovu) njengoba bebeze empini.

UMacG ubesebuthweni ebelihuba, lihaya izaga ezehlukene lihubela inkosi yabo.

Ekhuluma esiqeshini sangoMsombuluko sePodcast and Chill, uMacG uveze ukuthi ukuba kulo mdlalo noma kube yisigaba esincane kodwa kuye kungumlando ayowuxoxela isizukulwane sakhe.

“Njengoba nibonile ukuthi sivele isikhathi esingangemizuzu emihlanu kulo mdlalo, kodwa engifuna ukunivezela khona wukuthi kwasithatha usuku lonke ukushutha leso siqeshana,” kusho uMacG.

Uthe bazimisela benza lesi siqephu bobabili, bazitshela ukuthi bafuna ukugqama kuso yize sisincane.

”Ngazitshela ukuthi yithuba lami lokuqala ekulingiseni ngakho kumele ngizimisele, ngenze okusemandleni. Kwathi sesikulungele konke, amakhamera esebheke kithi njengebutho, sekumele siqale esizokusho, uRobot Boii uyena owayenolayini omude thina sizoshaya nje amagama ambalwa, base bengicela ukuthi angigqame ngamagama engizowasho ngemuva kokuqeda kukaRobot Boii njengoba kwakumele ngithi 'Shaya iShaka lena',"kusho uMacG.

Uthe wabheda izikhathi eziningi ethi 'yes, shaya, shaya' kugcine kumile ukuqopha, kukhuzwa yena.

"Ngatshelwa ukuthi sasingekho isiNgisi eminyakeni engu-600 edlule, angiyeke ukufaka sona. Kwakunzima kodwa ngagcina ngikwazile saqopha, futhi ngiyabonga ngaleli thuba,” kuchaza yena.