INHLANGANO ehlela umcimbi amaSafta iNFVF isimemezele ukuthi ngeke ube khona lo mcimbi kulo nyaka. Ngonyaka odlule abalingisi abafana noThembinkosi Mthembu bahlonishwa kuwona
Image: SAFTA/FACEBOOK
INHLANGANO iNational Film and Video Foundation (NFVF), isimemezele ukuthi ngeke ube khona umcimbi walo nyaka ama-South African Film and Television Awards (Saftas).
Ithe lesi sinqumo isithathe ngemuva kwemihlangano ehlukene ebe nayo. Umcimbi olandelayo kuhlelwe ukuthi ube ngoMashi, ngonyaka ozayo.
Esitatimendeni abasikhiphile baveze ukuthi isinqumo sokuhlehlisa lo mcimbi wezindondo yingenxa yokuthi kube khona izinguquko ezenzekile ezikhulwini eziphethe le nhlangano.
"Yingakho kube nokubambezeleka ekutheni kuhlelwe umcimbi walo nyaka, umcimbi walolu hlobo udinga isikhathi ukuthi uhlelwe ngakho ukuhamba kwesikhathi kusashintshwa abaphathi, kube nomthelela ekutheni kube khona izinguquko,” kusho isitatimende.
Sithe yize kube khona izinguquko kodwa ngokwabo bazijabulele njengoba zibanike ithuba lokuqinisa ubuholi babo, balungise izinto ezehlukene ezithinta inhlangano bese behlela kahle okuzokwenzeka kulo mcimbi wezindondo ukuya phambili.
"Ushintsho olwenzekile luzoqinisekisa ukuthi umcimbi wamaSaftas uhambisana neminye yaphesheya kwezilwandle, okunika amaciko ithuba lokubungaza nabanye ozakwabo okusuke kwenzeka imicimbi yalolu hlobo ngesikhathi esisodwa,” kuchaza bona.
Obambe njengosihlalo ekomitini lamaSafta, uDkt Rirhandzu Machaba, uthe lo mcimbi usuzakhele igama ngokuhlonipha amakhono amaciko ahlukeke kuleli.
Uthe asebekubheke kakhulu ukubamba umcimbi ngo-2026, futhi bakulungele ukubungaza nawo wonke umuntu endimeni elokhu iqhubekile nokukhula futhi ibe yisikhuthazo kwabanye ibuye ihlanganise amaciko emidlalweni nasemafilimini.
"Umcimbi wangonyaka ozayo ozoba ngowesi-19, uzobe ubheka ibanga esilihambile selokhu waqala ukubanjwa. Siyakholelwa ukuthi ekuqhubekeni nawo uzoletha ikusasa eliqhakazile emkhakheni wemidlalo neyamafilimu kuleli,” kuchaza uMachaba.
Uthe isuqubulo salo mcimbi ngonyaka ozayo sizobe sithi “One Story. One Industry. One Future, Celebrating South Africa’s Screen Legacy, Together”
Related Topics: