UJACINTA Ngobese-Zuma oselubhekisa enkantolo olokuxoshwa kwakhe wumsakazo iVuma FM
Image: Sigciniwe
LUBHEKE enkantolo udaba lobengumsakazi weVuma FM uJacinta Ngobese-Zuma, izolo okhiphe isitatimende sokubopha lesi siteshi.
Kwamangala abaningi uJacinta eveza izindaba zokuthi uxoshwe yiVuma FM abesakaza kuyo uhlelo lwasekuseni phakathi nezinsuku.
Waveza ukuthi akazi ukuthi bamxoshelani kodwa bona bathi abayivuselelanga inkontileka yakhe yonyaka omusha wezinhlelo.
Lesi siteshi samxosha yize sisanda kumemezela abasakazi abashaya ibuya kulo nyaka omusha.
Esitatimendeni asikhiphe izolo ekuseni uJacinta uveze ukuthi ngo-Agasti 1, wakhetha ukuthi axhumane nabameli bakhe ukuze bathumele incwadi eya kulesi siteshi ukuze bacacise ukuthi yini eyabenza bathatha isinqumo sokumxosha.
“Bangitshela ukuthi ngeke bayivuselele (inkontileka) sesiqalile ukusebenza ngaphansi kwezinkontileka ezintsha, okuyinto engakaze yenzeke emlandweni wokusakaza. Kodwa asikaze siyithole impendulo. Abameli bami baze baxhumana nesiteshi ukuzwa ukuthi bathini ngencwadi abathunyelelwe yona kodwa bangaphendula kwaze kwaba wu-Agasti 21, lapho baphendula khona kodwa bathi ngeke baziveze izizathu zokungixosha kwabo. Angikwamukeli lokhu ngoba lokhu abakushoyo akukho emthethweni,” kusho uJacinta.
Uthe yizona lezi zizathu ezenza ukuthi manje abophe isiteshi njengoba eselinde amasonto amahlanu ukuthi baveze okuyiyona njongo eyabenza bathatha lesi sinqumo.
“Abanye bangazibuza ukuthi kungani ngilokhu ngiqhubeka nalolu daba, kodwa izizathu zami ziwukuthi kulo mkhakha wezokungcebeleka isithunzi sakho kumele usigcine sivikelekile. Kule minyaka ngizinikele angikaze ngifise ukuhamba ngendlela engaqondakali kulo msakazo ngoba kuthiwa kukhona engikwenzile, kodwa kube kufihlwa iqiniso emphakathini. Ngifuna umphakathi ulazi iqiniso ukuze kuvikelwe omunye oyobhekana nesimo esifana nesami ngelinye ilanga,” kuchaza yena.
Uthe yize engayithandi indlela ubudlelwane bakhe nesiteshi obuphele ngayo kodwa ubenethemba lokuthi ekuzinikeleni kwakhe esebenza bayohlukana kahle.
Abameli bakhe uthe basaqhubeka nalolu daba, naye futhi uzoqhubeka nomsebenzi awenzayo ngendlela enesizotha.
Related Topics: