ITHOLWE icwiyiwe itekisi yeqembu lomculo Abanqobi, ebidunwe KwaNdengezi, entshonalanga yeTheku, etholakale izolo ekuseni
Image: Facebook
IQEMBU lomculo wokholo Abanqobi, seliphumele obala ngokucela usizo lwemoto ezobathwala uma beya emicimbini abasuke beqashwe kuyo noma beyoduduza emindenini elahlekelwe izihlobo.
Lokhu kulandela ukuthi ngoLwesibili ntambama, KwaNdengezi, kudunwe itekisi ebihamba amanye amalungu aleli qembu kanti abeseyisebenzise iminyaka engu-15.
Itholakale isiyigobongo eWyebank, ngasePinetown.
ITHOLWE isinje itekisi yeqembu Abanqobi elidunwe KwaNdengezi, ngoLwesibili ntambama
Image: Facebook
UMandla Ntuli oyilungu elidala laleli qembu, uthe okwenzeka kubo kulezi zinsuku kubuhlungu njengoba besazama ukwamukela ukudlulelwa ozakwabo ngokuzuma, manje sekuyilokhu.
“Siduma amakhanda asazi ngempela ukuthi kwenzakalani. Itekisi ibihamba abanye bozakwethu iyokhandwa okuthe uma sebeqeda kwakhona izimpahla ekade kumele beyozishiya kubo kazakwethu ngoba bezilokhu zihleli khona etekisini. Bathe besaya khona uzakwethu lona osisiza ezinsimbini wacela ukuthi sidlule komunye umuzi athathe ezinye izimpahla ayezitshelekise khona,” kusho uMandla.
Uthe bathe uma beqeda kuzilayisha, besathi bayangena etekisini, kwaqhamuka abesilisa ababakhombe ngesibhamu, babathathela imoto namaselula.
“Sibonga ngoba ababalimazanga kodwa omunye uthe bamkhombe ngesibhamu ebusweni, baphikisana ngokuthi bamdubule noma bangamdubuli. Babe sebesithinta besitshela osekwenzekile sacela usizo ezikhulwini esizaziyo emaphoyiseni. Silivulile icala kodwa kuze kwasa esitshela ukuthi awayitholi, yaze yatholakala ekuseni iyigobolondo kusele isteringi negiya njengoba bekhiphe ngisho izicabha, amasondo abesemasha ebesisanda kuwafaka ngoMgqibelo. Kubuhlungu okusivelele,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuphenywa icala lokuduna kwemoto elenzeke KwaNdengezi, kulandela ukuthathwa kwekhumbi kowesilisa oneminyaka engu-44.
Related Topics: