Ezokungcebeleka

Umlingisi ubonga abamtakulile ecela usizo

Nokubongwa Phenyane|Published

UMLINGISI uGlen Gabela osebonge wonke umuntu odlulisele umnikelo ecela usizo

Image: facebook

USEDLULISE ukubonga kubantu abamnikelele kuvela izindaba zokuthi impilo yakhe ayihambi kahle umlingisi ozakhele igama emdlalweni Uzalo, uGlen Gabela.

Izolo kusabalale i-video uGlen ebonga ethi umnikelo awutholile uguqule indlela igumbi lakhe ebelibukeka ngayo njengoba ethenge umbhede waphinde walungisa nesicabha.

“Isimo sami nisibonile ukuthi besinjani, kodwa kusuka kuvele izindaba zami okuncane okungenile kwenze ngathenga nangu umbhede, ngiyabonga ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yami. Singakukhohlwa ukuthi asizenzeli ngakho amandla eniwatholile niwaphiwe wuMdali nokuthi indaba ize ivele kusebenze amandla akhe,” kusho uGabela.

Ngesonto eledlule kusabalale i-video owesifazane ecelela le nkakha usizo ethi ithwele kanzima ngoba ayisawatholi amatoho ekulingiseni.

Owesifazane owayemlethele ukudla wathi kumphatha kabi ukubona uGabela ekulesi simo.

Ubunzima bempilo waveza ukuthi baqala ekhonjwa indlela kuZalo, ekubeni wayetshelwe ukuthi wayezolingisa kulo mdlalo ngokugcwele kusukela ku-Season 3.

Waveza ukuthi usefake isicelo sempesheni yokuguga ngenxa yokuthi ubengasazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani ukuze alwe nenkemane. 

Kule-video lo mlingisi wavela ecela usizo ukuze aphile impilo engcono akafuni ukuba yisicebi. 

“Ngifuna ukuphila impilo engcono njengawo wonke umuntu. Yingakho ngiphumela obala ngicela usizo. Ngifuna ukuhlangana nabantu ikakhulukazi intsha ukuze ngiyisize ikhule kulo mkhakha wamaflimu futhi ingagcini ifana nathi. Ngifuna impilo yabo ibe ngcono, angifuni lobu bunzima thina esidlule kubo nabo babhekane nabo,” kuchaza yena.

Uthe ngezinye izikhathi akuhlali kahle ukuzwa izindaba ezidabukisayo zamaciko aduma asebenze kanzima, adlula emhlabeni engenalutho.