Ezokungcebeleka

Umlingisi ukhumbula kuphela umshado esancelisa

Nokubongwa Phenyane|Updated

UMLINGISI u-Asavela Mqokiyana osephumele obala ngokuphela komshado wakhe enengane encane

Image: Sigciniwe

UMLINGISI womdlalo Uzalo, u-Asavela Mqokiyana, useveze ubunzima abhekana nabo kuphela umshado wakhe enengane enezinyanga eziyisithupha kuphela.

Ubekusho lokhu ekhuluma noMapaseka Koetle, kwiPodcast yakhe ethi MommyDiaries by Pasi Koetle.

Uthe lesi kwaba yisikhathi esinzima ngoba konke ayekuhlele ukuthi bazokwenza ngokuhlanganyela nowayengumyeni wakhe, wagcina esekwenza yedwa.

“Ukubhekana nezinto ngingedwa umuntu engangizihlele naye esehambile, kube yisikhathi esinzima empilweni yami futhi kwakungelona uhlelo esasinalo. Sasihlele ukuthi sizoba abazali ababhekele ikhaya bobabili bebambisene. Kodwa konke lokho kwangenzeka, ngangizama ukuzakhela into engingakaze ngiyithole ngisho ngisakhula kodwa kwaphelela ezandleni konke. Ngaso leso sikhathi saba nzima kwaphela umshado wami nginengane enezinyaka eziyisithupha," kusho u-Asavela.

Uthe yize isikhulile indodakazi yakhe manje kodwa ngeke asikhohlwe isikhathi adlule kuso nayo.

"Ukhula kahle futhi lokho kuyangijabulisa. Ngicabanga ukuthi ngazinikela kakhulu, ngenza ngokungaphezu kwamandla kodwa ukumbona kwakungenza ngiphole esimweni engangikuso usuku nosuku. Okwenza kube ngcono manje ukuthi isimo phakathi kwami noyise wakhe sesikahle futhi sibambisene ekutheni akhule," kuchaza yena.

Uveze ukuthi akulona iqiniso ukuthi lona wesilisa wamthatha eshadile.

"Ngangibona abantu bethi lokhu okungehlele kufanele ngoba nami ngaqeda umshado wakhe. Ngiyanxusa abantu uma besho izinto noma babheke iqiniso. Mina ngahlangana naye sengilingisa, angimazi ngemuva kwalokho ukuthi wayephila kanjani, abanye bathi ngangingumngani kankosikazi wakhe, cha amanga lawo. Engikwaziyo ukuthi abalingisi bomdlalo Isibaya ngo-2014, babemenyiwe emshadweni wakhe kodwa mina ngangenza u-matric ngaleso sikhathi, ngangikuphi ke?" kuphetha lo mlingisi.

Uthe akazi ukuthi umshado wowayengumyeni wakhe wokuqala waqedwa yini.

Muva nje, u-Asavela usanda kuveza ukuthi njengoba esedlule kuzona zonke lezi zigaba zempilo, inhloso yakhe manje ukuthi abonakale kaningi emidlalweni ehlukene yethelevishini.