Ezokungcebeleka

INetflix neqophamlando ngokwahlanganisa uMagudumane noBester

Nokubongwa Phenyane|Published

UDKT Nandipha Magudumane okuzovela impilo yakhe kusukela esewudokotela kuze kube uyaboshwa kwiqophamlando elizokhonjiswa kuNeflix ngenyanga ezayo

Image: Sithunyelwe

KULINDELEKE ukuthi liveze konke ngobukhazikhazi bempilo ebiphilwa nguDkt Nandipha Magudumane nokuphela kwayo eseboshwa kwiqophamlando elizokhonjiswa kuNetflix ngenyanga ezayo.

IBeauty And The Bester izoqala ukubonakala ngoSepthemba 12, lapho izoveza ukuthi bahlangana kanjani uThabo Bester noNandipha, okumanje basejele ngemuva kokuboshwa eTanzania, bebalekela amacala ahlukene abawenze kuleli.

Laba kwathuka abaningi kusabalala izindaba zokuthi bayathandana yize kwakwaziwa ukuthi uThabo sewashona. Umbiko wasejele laseMangaung, wawuveze ukuthi uBester washa wase eshonela esitokisini ayevalelwe kuso.

AbakwaNetflix bathi leli qophamlando liphethe zonke izigemegeme kusuka empilweni ephezulu uMagudumane ayeyiphila nosaziwayo njengoba abaningi babesebenzisana naye kuze kuya ekuthandaneni nosolwa ngokuba umbulali nomdlwenguli uThabo Bester, okuyinto eyathusa abaningi.

“Uke waba ngomunye wabesifazane igama labo ebeliphezulu emkhakheni wamabhizinisi ngisho ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yokuthi impilo yakhe ibibonakala ihamba kahle. Kodwa konke kwashabalala ngesikhathi kuvela indawo ayidlalile ngesikhathi kuzanywa imizamo yokukhipha uBester ejele. Kwagqama ukuthi ubephila impilo embili. Iziqephu ezintathu zaleli qophamlando zizongena zigxile ezintweni ezathusa ababukeli ngo-2023, okwaholela emibuzweni namanje abanye abasazibuza yona, yokuthi kwenzeka kanjani ukuthi owesifazane obehlonishwa agcine ezithola ecaleni elikhulu elithinta ubugebengu?

Bathe kulezi ziqephu zizohamba ngezigaba ezehlukene zempilo yakhe kusukela engakaboshwa kuze kugcine esesejele.

“Kukhona izinto ezenzeka enkantolo, nezinye ezithinta uphenyo ezizovela manje ezithinta ukuthi bahlangana kanjani kuze kube bayathandana, inkohlakalo abayenza kubantu abahlukene bebathembisa impilo ephezulu nayo izogqama okuyinto esingangabazi ukuthi izoshiya abantu bemangele. Abangani nemindeni yabo laba bobabili iyona ezophinde iveze ekwaziyo ngabo ezingxoxweni ezizoqala ukubonakala kuNetflix ukuze kuqondwe ukuthi laba basuka kuphi,” kuchaza bona.