U-AUBREY Qwana osanda kukhipha ingoma yakhe ethi Babaleka
Image: Sithunyelwe
USEVEZE ukuthi ngeke esagxila emculweni kuphela kodwa usezophindela ngisho kwelinye ikhono analo lokudweba umculi, u-Aubrey Qwana, osanda kukhipha ingoma entsha ethi Babaleka apike kuyo umculi kamaskandi Inkosi Yamagcokama.
U-Aubrey uthi isithombe esizobonakala ku-albhamu yakhe ezayo ethi Mkabayi Legacy, okukhona kuyo le ngoma asanda kuyikhipha, usidwebe yena njengoba kungesikamama wakhe ongasekho emhlabeni, uMkabayi.
Le albhamu yona izophuma ngenyanga ezayo.
Uthe ikhono lokudweba wayenalo esakhula kodwa ngokuhamba kwesikhathi waliyeka, wagxila emculweni.
“Ngelinye lamathalente uNkulunkulu angiphe lona kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngilithathe ngalibeka eceleni ngenxa yokuvela kwezinye izinto ebengizenza. Manje njengoba ngizokhipha i-albhamu ngikhethe ukuthi ngilivuse ngizidwebele isithombe sikamama ngendlela engifuna sibonakale ngayo,” kusho u-Aubrey.
Uthe ingoma lena ekhuluma ngokukhula ngaphansi kwesimo esingesihle ekhaya, kunendlala futhi iphinde ithinte nemizamo ababeyenza ukuze baphume kuleso simo.
“Ingoma lena enesigqi se-Afro soul, maskandi ne-hip hop. Ngikhuluma iqiniso lami kuyo futhi umyalezo wayo angingabazi ukuthi uzothinta abaningi abakhule ngaphansi kwesimo esifanayo nami. Ngokwami akuyona nje ingoma lena kodwa ubufakazi bami ngempilo. Intsha iyona engithanda ilalele le ngoma njengoba iningi ezalelwa ebunzimeni futhi iphoqeleke ukuthi ilwe nokuphuma esimweni ezalelwe kuso ngoba inethemba lempilo engcono. Izosiza abaningi ababhekene nobunzima,” kuchaza yena.
Uthe ingoma yawo wonke umuntu lena oselahle ithemba, ezokwenza bathole isibindi sokushintsha impilo yabo ukuthi ibe ngcono, waveza ukuthi uyakholelwa ekutheni kukhona ezobapholisa amanxeba ibenze baqhubeke nempilo.
Imidwebo yakhe uthe uzoqhubeka amemezele emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi izotholakala kanjani.
Related Topics: