AKUCACI ngekusasa likaMinnie Ntuli emsakazweni iGagasi FM njengoba sekuphele amasonto angaphezu kwamabili engezwakali kulesi siteshi selokhu kwabonakala isigaba exabana nozakwabo uLondie London ohlelweni iThe Real Housewives of Durban
Image: X
AKUCACI ukuthi uzobuya nini ohlelweni lwasekuseni iThe Uprising, umsakazi weGagasi FM, uMinnie Ntuli osakaza lolu hlelo ngokubambisana noFelix Hlophe.
Lokhu kulandela isinqumo sakhe sokukhetha ukuma emsakazweni njengoba eke waba sematheni ‘ngobubhoklolo’ nangokuhlohloloza uLondie London ngomunwe ebusweni, ohlelweni iThe Real Housewives of Durban (RHOD) okuyinto eyacasula abaningi.
UMinnie sekuphele isikhathi esingaphezu kwamasonto amabili engenzwakali kulo msakazo.
Isolezwe libuze umthombo walo ongaphakathi kulo msakazo ukuthi izikhulu zakhona zithini ngokumbuyisela emsebenzini.
“Ngabe ngiqamba amanga indaba yakhe nje ayikaziwa ukuthi uzobuya nini emsakazweni. Kodwa uma kukhona engikuzwayo ngizokutshela, nakanjani bazosazisa uma ebuya,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi uMinnie usafuna usizo ngenxa yokuthi wagxekwa ngesenzo sakhe.
“Kuyoba yinhlanhla ebuyile emsakazweni, leya nto yambangela amahloni ngenxa yokuthi abanye bambona njengebhoklolo. Ukubuya azobhekana nozakwabo nabalaleli ababemgxeka ezinkundleni zokuxhumana,yikhona engibona sengathi ngeke kusaba lula. Ngokuzwa ngabasondelene naye uyasaba naye manje ukubuya ngoba akazi ukuthi uzohlangana nesimo esinjani uma esesemoyeni,” kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi okunye okuzwile wukuthi umndeni wakhe wameseka kuvela lesi sehlo futhi bazama ukuthi bamfunele usizo ukuze abe wumuntu ongcono angaphinde azifake esimeni esinje.
UMinnie kwashaqeka abaningi kuvela isigameko esingakhonjiswanga kusaqhubeka uhlelo esagxekwa kakhulu.
Esitatimendeni asikhipha uMinnie wathi uyaxolisa kwanabo ohlelweni.
Waveza ukuthi ubathintile ngasese exolisa futhi uzimisele nangokukhuluma nabo ubuso nobuso. Wathi yize umsebenzi wakhe kwiRHOD ungahlangene noweGagasi kodwa yena nesiteshi bavumelene ngokuthi amukele imiphumela yezenzo zakhe.
Esitatimendeni esakhishwa yiGagasi, baveza ukuthi sabashaqisa lesi senzo futhi baphoxekile ngabakubone kwenziwa wumsakazi wabo.
“Yize iThe Real Housewives of Durban izimele futhi ingahlangene neGagasi FM, siyazi ukuthi ukuziphatha kukaMinnie ohlelweni kunomthelela egameni lethu nasemphakathini esiwusebenzelayo,” kusho iGagasi.
Lathi kumasizini adlule kuke kwabonakala abanye abasohlelweni bexabana beze becishe babambane ngezandla.
“Okusinikeza ithemba kulokhu wukuthi ukubuyisana kuyenzeka futhi nobudlelwano bulungiseke,” kwasho iGagasi.
Bathi njengesiteshi abahambisani nobubhoklolo nokungahloniphi.
Related Topics: