UGLEN Gabela owaduma elingisa indawo kaMfundisi Mdletshe emdlalweni Uzalo, osephinde waphumela obala ngokuswela njengoba ethi kudala agcina ukusebenza
Image: Sigciniwe
INKAKHA yomlingisi, uGlen Gabela, isiphinde yaphumela obala ngobunzima bempilo ebhekene nabalingisi njengoba sekuyiminyaka ingawutholi umsebenzi emidlalweni ehlukene kuleli.
Ezinyangeni ezine ezedlule Isolezwe like labika udaba olufanayo njengoba lo mlingisi ebeveza ubunzima bempilo..
Wagonyuluka ngobunzima bempilo kwiThe Voice with Palesa kuYouTube, lapho aveza khona ukuthi usizi lwakhe lwaqala mhlazane ijazi ligcwala umoya kuZalo.
Uthe wakhonjwa indlela kuZalo ekubeni wayetshelwe ukuthi wayezolingisa kulo mdlalo ngokugcwele kusukela ku-Season 3.
Uthe washaqeka kwaphela nasozwaneni ngolunye usuku ebizelwa ehhovisi maqede watshelwa emehlweni ukuthi ligqabukile igoda phakathi kwakhe nalo mdlalo.
Waveza ukuthi usefake isicelo sempesheni yokuguga ngenxa yokuthi ubengasazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani ukuze alwe nenkemane.
Kwi-video yakamuva lo mlingisi uvela ecelelwa usizo owesifazane obemlethele ukudla wathi le nkakha iphila kanzima njengoba ngisho ifriji layo ngesikhathi elivula beligcwele izigubhu zamanzi.
UGlen uthe akucelayo wusizo ukuze aphile impilo engcono akafuni ukuba yisicebi.
“Ngifuna ukuphila impilo engcono njengawo wonke umuntu. Yingakho ngiphumela obala ngicela usizo. Ngifuna ukuhlangana nabantu ikakhulukazi intsha ukuze ngyisize ikhule kulo mkhakha wamaflimu futhi ingagcini ifana nathi. Ngifuna impilo yabo ibe ngcono, angifuni lobu bunzima thina esidlule kubo nabo babhekane nabo,” kuchaza yena.
Uthe ngezinye izikhathi akuhlali kahle ukuzwa izindaba ezidabukisayo zamaciko aduma asebenze kanzima, adlula emhlabeni engenalutho.
“Izikhathi eziningi iningi lethu uma lifika kule minyaka engikuyo, lisuke seliphila ngokucela. Ngakho mina ngiyahluleka wukucela, kunzima kimi ukucela kodwa nje engikudingayo wukuphila impilo engcono kunale engiyiphila manje,” kusho yena echiphiza izinyembezi.
Kwenzeka lokhu nje nomlingisi uNandi Nyembe, usanda kuphumela obala efuna usizo naye ekhala ngokuthi impilo inzima.
Eminye imidlalo aseke wabonakala kuyo kubalwa iShaka Zulu ngo-1986, umdlalo iGenerations, Isidingo, Backstage, My Brother's Keeper, Izingane Zobaba, Zolile neMolo Fish.
Related Topics: