UNCONYWA ngendawo ayilingisayo uMpilo Mbatha, olingisa indawo kaMzilikazi emdlalweni Ushaka-Ilembe, athi uqale ukuthanda ukulingisa ephelezele umngani wakhe njengoba yena ebengaziboni ekulo mkhakha
Image: Sithunyelwe
UMLINGISI osematheni kulezi zinsuku ngendawo kaMzilikazi ayilingisa emdlalweni Ushaka-Ilembe, uMpilo Mbatha, uthe wayengazicabangi elingisa kodwa konke kwaqala ngesikhathi ephelezele umngani wakhe eyoqopha kulo mdlalo ngesizini yokuqala.
UMpilo waseMnabhithi uthe yena ubezibona enguthisha njengoba enza iziqu zakhe zeSocial Science, eNyuvesi yaseWits, eGoli.
Ekhuluma neSolezwe uthe njengomuntu onamahloni akazi ukuthi uzophumela kanjani manje emphakathini ngenxa yesasasa abantu abalikhombise ngemuva kwesiqephu sangeSonto.
“Ngibonga uthando abantu abalukhombisile ngale ndawo kaMzilikazi engiyithole ngesizini yesibili yalo mdlalo. Mina bengingaziboni ngilingisa nangelilodwa ilanga, konke kwaqala ngiphelezele umngani wami yena obe yingxenye yalo mdlalo ngesizini yokuqala. Ngesikhathi ngimlindile esebenza ngavele ngafikelwa wuthando ngibuka izinsizwa zigiya, ngabe sengizama inhlanhla, kule sizini kwangilungela. Angazi ukuthi iziqu zami zobuthishela uma ngiqeda ngizozenzani ngoba sekungicacele ukuthi ngiwumlingisi manje futhi ngibheke phambili ekutheni ngithole amathuba nakweminye imidlalo,” kusho uMpilo.
Uthe kusho lukhulu kuye ukuthola indawo ebaluleke kangaka nenomlando ekubunjweni kwesizwe samaZulu, wathi akangabazi manje ukuthi uyilingise kahle ngoba abantu bayijabulele.
“Ngiyabonga kumkhaya wami uWiseman Mncube okwathi ngizoqala ukubonakala kulo mdlalo wangisiza ngendlela okumele ngivele ngayo uma sesishutha. Abantu abaningi bangiqaphela lapho, kodwa isasasa alifananga namanje. Ngibonga nakuThembinkosi Mthembu owangitshela ukuthi sifikile isikhathi sami sokuthi abantu banginake, wabe esengibonisa lapha nalaphaya ukuthi yini okumele ngiyenze ukuqhubekela phambili,” kuchaza yena.
Uthe ngisho nakubo uyise ujabule ngendlela eyisimanga njengoba ekholelwa kuyona yonke into ayenzayo.
Okunye akuvezile okumenze wangaba novalo elingisa le ndawo wukuba seduzane kwabalingisi abahlukene abadala kulo mkhakha abamenze wakhululeka, wakwazi ukwenza umsebenzi wakhe ngaphandle kovalo.
Manje uthe usebheke phambili ukubonakala emidlalweni ehlukene njengoba eseke wabonakala elingisa emdlalweni iThe River isiya emaphethelweni. Ungomunye wabalingisi emdlalweni iHomecoming esanda kuqala kuMzansi Wethu kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu ngo-6.30 ntambama.
Related Topics: