ABALINGISI okukhona kubo uNdoni Zemvelo Shandu, Phakamani Zikalala, Nhlanhla John Lata noKhanyie Langa McBird abazosebenzisa amaphimbo abo emdlalweni othi Uzozisola-Regret. Lo mdlalo uzoqala ukubonakala esiteshini iStar Khanya ezokhonjiswa ku-Openview ngoMsombuluko
Image: Sithunyelwe
ABATHANDI bemidlalo ewuchungechunge yaseNdiya kodwa esakazwa kuleli ngolimi lwesiZulu, bazohlekwa bodwa njengoba iqhubeka nokwanda emva kokuba abakwa-e.tv behlanganyele nesiteshi iJioStar, ukuqala isiteshi esisha iStar Khanya.
Lesi siteshi esizokhombisa imidlalo ehlukene, sizoqala ukudlala ngoMsombuluko esiteshini esinguzakwabo we-e.tv i-Openview (channel 114).
Okhulumela i-e.tv, uTshegofatso Kolotse, uveze ukuthi babonile ukuthi kukhona ukuxhumana okukhona phakathi kwabomdabu waseNdiya nesizwe samaZulu, yingakho bekhethe ukusungula isiteshi esizogxila emidlalweni efana nalena.
“Sizogxila kakhulu emidlalweni ewuchungechunge esungulwe eNdiya sase siyiletha kuleli. Izobe igcwele izindaba ezehlukene ezithinta umlando wabaseNdiya, nezinye izindaba ezenzeka khona eseziphendulwe imidlalo. Ucwaningo lwakamuva esilwenzile luveza ukuthi izigidi zemindeni ehlukene iyayithanda le midlalo ngenxa yokuthi yize yenziwe kwamanye amazwe kodwa ukuguqulwa kwayo ikhulume ulimi abaluzwayo, kuyakhele ugazi yingakho yenza kahle eziteshini ekhonjiswa kuyo manje,” kuchaza uTshegofatso.
Uthe ucwaningo lwabo luqhubekile lwaveza ukuthi le midlalo ithandwa kangaka ngoba abanye izindaba ezikuyo bake badlula kukhona yingakho bethanda ukuyibuka.
Okunye athe kuyabajabulisa ngale midlalo ukuthi ilungele wonke umuntu, akukho futhi okubi noma okuwubugebengu okungenza ikhethe iminyaka.
“Lesi siteshi sizoba namandla kakhulu ngoba umdlalo ngamunye uzogqamisa amaphupho amahle abantu abanawo kodwa kube nezingqinamba, ubunzima bempilo nokunye okuningi okugqamisa amasiko ahlukene ezizwe zabomMdabu baseNdiya ezikhona emhlabeni,” kuchaza yena.
Uthe kubona njengesiteshi ikhasi elisha leli lokwandisa izinhlelo ezihamba phambili zesiZulu, okuwulimi oluthandwa izinkulungwane zabantu.
"Okokugcina okusenza siziqhenye ukuthi abantu bazozijabulela mahhala."
Uthe le midlalo iziqephu ezintsha zizokhonjiswa njalo kusuka ngo-6 ntambama kuze kube u-10 ebusuku.
Eminye yemidlalo yokuqala ezokhonjiswa kulesi siteshi uma siqala khona othi Uzozisola-Regret, ozodlala ngo-8 ebusuku phakathi nezinsuku. Kuwona kuzozwakala amaphimbo kaNhlanhla John Lata (Rajdeep) owake wabonakala emidlalweni emikhulu kuleli okukhona kuyo iS’gudi S’naysi, Isidingo neStokvel.
Abanye abazozwakala kubalwa uPhakamani Zikalala (Kunal), Khanyie Langa McBird (Mauli), Ndoni Zemvelo Shandu (Nandini) nabanye.
Related Topics: