Ezokungcebeleka

UPhindi P ucele uxhaso nge-EP azoyikhipha kuleli sonto

Nokubongwa Phenyane|Published

UMSUNGULI uPhindi P Phewa osecele ukwesekwa njengoba ezokhipha i-EP yakhe ethi uJehova Wenzile ngoLwesihlanu

Image: Sithunyelwe

USECELE uxhaso lokuthi kuthengwe i-EP yakhe entsha ezophuma namhlanje umsakazi woKhozi FM, uPhindi P Phewa.

UPhindi P ucele abalaleli bohlelo lwakhe Ulibo Lokuqala olungena ngo-3 kuya ku-5 ekuseni kulo msakazo ukuthi bathenge le EP ethi uJehova Usekwenzile. 

Akagcini ngokwenza lolu hlelo kulo msakazo kodwa uphinde enze oluthi Ebukhoneni ngeSonto.

Uveze ukuthi uchichima injabulo ngomsebenzi awenzile njengoba inezingoma zendumiso ezizojatshulelwa abantu abahlukene. 

"Angingabazi ukuthi wonke umuntu uzosiseka ngale EP, ngiyacela ukuthi niphume nonke ngoLwesihlanu, niyoyithenga. Kubantu asebekhulile abahlale bengena lana ohlelweni ngicela nazi ukuthi ama-CD awasekho kodwa celani abazukulu ukuthi banikhombise indlela osekuthengwa ngayo manje," kusho uPhindi P. 

Uthe uyambonga uNkulunkulu ngamandla amnike wona okwenza umculo nokuthi ekugcineni kuze kube khona umsebenzi azowukhiphela umphakathi. 

Le-EP uPhindi P wayiqopha ngoMeyi 30, ePlayhouse, eThekwini, nala ayehambisana khona nozakwabo endimeni yomculo okukhona kubo uSbu Noah, Putuma Tiso, noDavid Dee nabanye.

Kulo mcimbi waveza ukuthi le EP isondele kakhulu enhliziyweni yakhe futhi imthintile ngesikhathi esayiqopha, wathi kukhona izingoma ezisuka enhliziyweni yakhe, nemithandazo ayiphendule izingoma nathi kukhona nezinye ezikhuluma ngezinto adlule kuzo empilweni.

Kwenzeka lokhu nje, uPhindi P usanda kuhlonishwa ngezindondo ezahlukene emazweni ase-Afrika kanjalo naphesheya kwezilwandle.

UPhindi P ungabanye babaculi bokholo abenze kahle uma beqokelwa emicimbini yezindondo emazweni angaphandle. 

Muva nje, usanda kuthola indondo yeBest African Female Musician of the Year kumaLadies In Media Awards eGhana, ngeSonto. Nakuleli emicimbini ehlukene yezindondo uke waqokwa nakhona wahlabana.

UMSAKAZI uPhindi P Phewa osecele ukwesekwa njengoba ezokhipha i-EP yakhe ethi uJehova Wenzile ngoLwesihlanu

Image: Sithunyelwe