Ezokungcebeleka

Ukuhlala emakhaya kubambezele impumelelo yakhe emculweni #Imbokodo #intandokazi

Nokubongwa Phenyane|Published

UMCULI ocula owokholo u-Andiswa Ndlangisa oseveze ukuthi akumthenile amandla ukukhipha umculo wakhe manje yize kukudala aqala ukucula kodwa ubengazi ukuthi kumele axhumane nobani endimeni yomculo

Image: Sithunyelwe

UMCULI waseMzimkhulu u-Andiswa Ndlangisa, uthe yize izinto ziqala ukukhanya manje kulo mkhakha kodwa ubheke phambili ekutheni abe kubaculi abanegama kuleli.

Ngenyanga edllule u-Andiswa ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala ethi Umkhuleko, enezingoma ezingu-8.

Ekhuluma neSolezwe uthe ukuba ngumuntu wasemakhaya yikhona okubambezele iphupho lakhe ngoba ubengazi ukuthi kumele axhumane kanjani nabantu azoqopha nabo umculo wakhe.

“Ngikhulele emakhaya, ngakho ithalente belibatshazwa kakhulu ngoba bengigcina ngokucula uma kunemicimbi ehlukene ehlanganisa abantu kodwa ingekho inqubekela phambili. Ngibona ukuthi lokho kungilimazile njengoba ngiqala manje ukukhipha umculo wami., Ngikhethe ukuthi ngifudukele eGoli lapho engifune indawo yokuqopha nabantu engizosebenza nabo.  Ngangineminyaka eyishumi kuphela ngesikhathi umphakathi wazi ukuthi nginethalente lokucula, kodwa ngiyakholelwa ekutheni konke kwenzeka ngesikhathi sakho,” kusho u-Andiswa.

Uthe uzizwa ejabule ngokukhipha le albhamu eyenza kahle ngisho ezitolo zomculo futhi nasemisakazweni isiyadlalwa.

“Izingoma ezikule-albhamu akuzona ezebandla elithize noma isigqi sebandla thizeni, ezawo wonke umuntu. Ngiyathembisa ukuthi abantu bazowujabulela umsebenzi wami, ngelinye ilanga nami ngifuna ukuzibona ngifana nabaculi abanegama manje okukhona kubo uKholeka, Rebecca noDumi Mkokstad,” kusho yena.

Uthe izingoma zakhe uyazibhalela njengoba ziqondene nempilo yakhe nezimo aphile ngaphansi kwazo.

Uthe ubonga abantu abahlukene asebenze nabo okukhona kubo uLindani Gumede, Senzo Mlotha nabanye.