Ezokungcebeleka

Kuzobanjwa umcimbi wokuqala omkhulu "Eyadini"

Nokubongwa Phenyane|Published

USBONISO Chiliza onguDJ ohlele umcimbi iThe Bloom Effect oyingxenye yokugubha inyanga yaBantu besiFazane, ozobanjelwa eThe Union Restaurant and Lounge ebiyaziwa ngokuthi kuseYadini eMlaza

Image: Sithunyelwe

KULINDELEKE ukuthi kubanjwe umcimbi wokuqala omkhulu endaweni yobumandi eyayidume ngokuthi kuseYadini, eMlaza manje esiyaziwa ngeThe Union Restaurant and Lounge.

Umcimbi iThe Bloom Effect, uzobanjelwa kule ndawo ngo-Agasti 24, njengengxenye yokugubha inyanga yabesifazane.

Kuwona kuzonandisa oDJ besilisa abazobe betotosa abesifazane ngomculo we-Afro Soul kuphela.

UMSIZI Shembe ongumsakazi weMetro FM naye ozobe ekhona kulo mcimbi

Image: Sigciniwe

Ekhuluma ngalolu hlobo lomcimbi umhleli wawo uSboniso Chiliza, uveze ukuthi uthando lwabo ngale ndawo yilona olwenze ukuthi bazokwenza uhlobo lwalo mcimbi ukuze babuyise ubumnandi obake baba khona kuyo.

“Simema wonke umuntu owake wajabula kule ndawo isaziwa ngokuthi kuseYadini, ukuthi aphume eze kulo mcimbi njengoba isiyaziwa ngeThe Union Lounge. Wumcimbi esizototosa ngawo abantu besifazane njengoba kuyinyanga yabo kodwa asisho ukuthi abantu besilisa mabangezi. Ake sizoba nenjabulo kule ndawo njengakuqala, abantu baseThekwini nabakhele iTheku ngiyanxenxa ukuthi baphume ngobuningi babo,” kusho uSboniso.

Uveze ukuthi bazobe bebophele abaculi abadlala umculo othinta umphefumulo ohambisana nothando futhi opholile.

“Sibophele abasakazi abasakaza izinhlelo zangeSonto ezidlala umculo opholile okukhona kubo uMsizi Shembe weMetro FM noCollen Zondo. Sinabo noDJ abazakhele igama kulolu hlobo lomculo okukhona kubo uDJ Muntu, DJ Lavisto, DJ Reggie, Soul Sisters, Bra Mdu nabanye abaningi,” kusho yena.

Uveze ukuthi amathikithi aseyatholakala eWebticket kusuka kuR80 kuya kuR350.

Le ndawo yaduma kakhulu kwabaningi ngokusingatha abaculi abadumile ababeya khona uma kunemicimbi ehlukene umnikazi wayo, uMjay Zama, esaphila.

Kubaculi abadumile abake bafika khona kukhona uDavido waseNigeria, AKA ongasekho, Cassper Nyovest nabanye.

UPhaedra Parks wase-USA, ozakhele igama ezinhlelweni zabesifazane okukhona kuzo iThe Real Housewives of Atlanta neMarried to medicine naye wake wafika kule ndawo.