U-ANNIE Mthembu nobengumyeni wakhe, uKgolo 'Daguru' Mthembu, aseveze ukuthi bahlukana naye eminyakeni emithathu edlule
Image: X
USEPHUMELE obala ngokuphela komshado wakhe u-Annie Mthembu, ozakhele igama ohlelweni iThe Real Housewives of Durban, abonakala kulo amasizini amathathu.
U-Annie ubeshade nosomabhizinisi uKgolo “Daguru” Mthembu, obaziwa ngokuba umnikazi wezindawo zobumnandi okukhona kuzo iViews@25 neLuma eseSpringfield, eThekwini.
U-Annie ukhulume okokuqala ngokuphela komshado wakhe kwiPodcat i-Engineer Your Life with Lungelo KM.
Uveze ukuthi sekuphele iminyaka emithathu bahlukana futhi naye usesothandweni olusha.
Ebuzwa ukuthi yini emenze wathatha isikhathi eside kangaka ukuphumela obala ngokuphela komshado wakhe u-Annie, uveze ukuthi ubesafuna ukwamukela konke okwenzeka, angajahi izinto.
“Bengingafuni ukwenza into ngoba ngisezwa ubuhlungu kodwa bengifuna ukuthatha isikhathi sami ukuze lolu daba ngiluxoxe kahle ngingasakhali. Ngakhetha ukuthatha izingane zami ngishiye umshado wami ngoba izinto zase zingezinhle phakathi kwami nomyeni wami. Wayeqonywa, ephuza futhi esezinikele otshwaleni. Ngazama ngayo yonke indlela ukuziziba lezi zimo ukuze umshado wami ulunge kodwa konke ngabona ngikwenza ngedwa, yena engazinikele emizamweni yami,” kusho u-Annie.
Uthe ngisho ukushiya uhlelo iThe Real Housewives of Durban, kwaba isinqumo sakhe uKgolo ngoba ekhala ngokuthi akafuni abantu babone ukuthi kwenzakalani phakathi kwabo.
“Wathi angiyeke ukushutha lolu hlelo ngoba luhlala lusemzini wethu futhi akasafuni abantu abazoba khona endlini ngoba izinto zingahambi kahle kuthina. Waveza ukuthi akafuni abantu babone okuqhubeka empilweni yethu. Kodwa ababukeli balolu hlelo uma babenaka kahle kwisizini yesithathu, ngase ngifile emoyeni ngoba ngangize ngikhale ngenxa yokuthi kuningi okwenzeka empilweni yami,” kusho yena.
Uthe ekuhambeni kwesikhathi wabona ukuthi akashiye futhi kumthathe isikhathi eside ukuthi amxolele ngenxa yezinto azenza kuye.
“Ayengimangaza amantombazane engangimbamba ukuthi ujola nawo, ngangizibuza ukuthi yini mina enginganayo bona abanayo? Ngaze ngathi ngabe kungcono ukube wangitshela ukuthi ungumuntu wesithembu, akekho umuntu othanda ukuthi uphathina wakhe angathembeki. Nakimi kwaba buhlungu ngazibuza imibuzo eminingi,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi sebehlukene, walahlekelwa yikho konke; amabhizinisi, izimoto nomuzi.
Manje uthe yize esedlule kuzona lezi zimo kodwa angeke aze abuyele la asuka khona usebheke ekuvuseleleni amabhizinisi akhe, abe nezimoto nomuzi.
Uthe usewashiya eThekwini, usehlala eKapa.
Ekuqaleni kwalo nyaka, uKgolo ube nengxoxo kule nkundla efanayo, lapho aveza khona ukuthi ukulahlekelwa yikhona konke okumenze umlutha wotshwala waze wabuyela kubo eSoweto, eGoli.
Akakhulumanga ngokwenzeka emshadweni wakhe kodwa izinsolo zase zikhona zokuthi abasahlali ndawonye.
Ngemuva kwale nkulumo, uKgolo uxolisile ku-Annie ngobuhlungu amzwisa bona wathi umfisela okuhle konke empilweni futhi uyamthanda.
Related Topics: