UMLINGISIi ophinde abe ngumqondisi okhetha abalingisi emidlalweni ehlukene yethelevishini uKeneilwe Matidze, uthi uyaziqhenya ngomsebenzi awenzile emdlalweni iYoungins ekhuza ibuya nesizini yokugcina kwiShowmax ngenyanga ezayo
Image: Sithunyelwe
UBONGA igalelo lentsha asebenze nayo emdlalweni iYoungins, umlingisi ophinde abe ngomunye wabaqondisi abakhetha abalingisi kuwo lo mdlalo, uKeneilwe Matidze.
UKeneilwe kulo mdlalo akagcini ngokwenza lo msebenzi kodwa uphinde alingise indawo kaPearl.
Ekhuluma neSolezwe uthe uyaziqhenya ngomsebenzi wakhe wokukhetha abalingisi abafike bakhipha amakhono abo amangalisayo kusuka kwisizini yokuqala kuze kube manje kweyokugcina.
Isizini yokugcina kulindeleke ukuthi iqale ukukhonjiswa kwiShowmax ngoSepthemba 19.
UKeneilwe uthe ngesikhathi beqala umdlalo iYoungins, wayazi kahle ukuthi uzokwenza kahle ngenxa yodaba oluthinta intsha ezikoleni efunda kuzo.
“Ngesikhathi ngimatasa nenhlolokhono intsha yonke eyayizama inhlanhla yakhombisa ukuba nomdlandla oyisimanga. Bafika kusuka ekuseni kwaze kwaba yisebusuku bezinikele ekutheni bafuna ukuba yingxenye yalo mdlalo, futhi bekhombisa ukuthi abaphelelwe amandla okulinda ngoba bagcina bedlala bedansa bendawonye. Lokho nje kwasikhombisa indlala abanayo ngokungena kulo mkhakha wokulingisa. Ngibabuka benza lokhu ngaba nomuzwa wokuthi ithalente esizoba nalo kuwona wonke amasizini lizobe limangaza,” kusho uKeneilwe.
Uthe umsebenzi wakhe uwuthanda kakhulu futhi uzimisele ukuthi aqhubeke nokuwenza angabheki ukuthi ubani onesikhathi eside endimeni, konke akwenzayo uzoqikelela ukuthi ubheka ithalente.
“Ngibonga ithuba lokusebenza nenkampani iTshedza Productions, okuyiyona engenze nayo imidlalo eminingi manje, banginike ithuba lokuthi ngibone okuyibona balingisi abayilungele imidlalo ehlukene esiyenzile okuthe isikhonjiswa abantu babathanda. Uma ababukeli bemjabulela umlingisi lokho kwenza nathi esibakhethile sibone ukuthi senze umsebenzi oncomekayo futhi siyabakhulisa kulo mkhakha abangene kuwo,” kusho yena.
Uthe uyohlala ejabule ngendlela umsebenzi wakhe awenza ngayo ngoba akulula ukukhetha abalingisi, kumele uma umkhethela umsebenzi azowenza ube usumbonile ngokwengqondo kwithelevishini elingisa.
KwiYoungins uthe iningi labalingisi libe yile nto ayeyicabanga kusabhalwa lo mdlalo, aziqhenya kakhulu ngomsebenzi awenzile.
“Njengoba lo mdlalo selokhu waqala ababukeli bewuthakasela namanje bazoqhubeka kulokho. Ngiyanxusa intsha ikakhulu esafunda iwubuke lo mdlalo ngoba kukhona engakufunda kuwo. Ngawo kukhona isifundo ebesisiveza sokuthi intsha yini ebhekana nayo ezikoleni nasemiphakathini esiphila kuyo,” kusho uKeneilwe.