UMCULI ocula owokholo uXolly Mncwango ubonge wonke umuntu obehambele umcimbi wakhe e-ICC eThekwini ngempelasonto noshiye abaningi bevuselelekile njengoba ubugcwele indumiso
Image: Facebook/GagasiFM
BATHATHE amehlo abaningi ozakwabo bakaXolly Mncwango ayecula nabo kwiJoyous celebration, uKhaya Mthethwa noBrenda Mntambo abajabulise izihlwele emcimbini othathe izinsuku ezimbili eThekwini ngempelasonto.
UXoli ujabulise abalandeli bakhe ngomculo emcimbini iXolly Mncwango: The Unusual Encounter, ebise-ICC, eThekwini.
BRENDA Mntambo
Image: Facebook/GagasiFM
Abebewuhambele bavuselelekile emoyeni njengoba bekugcwele indumiso kanjalo nezingoma ezivuselela ukholo.
UKhaya noBrenda bajatshulelwe abaningi ngesikhathi bethulwa kulo mcimbi nabo benza into yamehlo abantu bakhumbula izikhathi zakudala njengoba becule izingoma ezihlukene.
Bobabili babongele uXoli ngempumelelo yakhe emculweni nangokwenza umcimbi walolu hlobo.
KHAYA Mthethwa
Image: Facebook/GagasiFM
Engena esiteji uXoli ngengoma ethi Liyabasebenzela kusukume wonke umuntu e-ICC abantu bemjabulela.
UXoli cishe ucule zonke izingoma zakhe ebezivusa imizwa ehlukene kubantu, njengoba abanye bebonakale bekhuleka, bekhala abanye bedumisa.
BEBEVUKWA yimizwa ehlukene abantu abebehambele umcimbi iXoli Mncwango: The Unusual Encounter, ebise-ICC, eThekwini.
Image: Facebook/Gagasi FM
Kuthe esevala uXoli wabonga wonke umuntu obe yingxenye yomcimbi wathi konke ubekwenza ngothando lokuzojabulisa abantu baKwaZulu-Natal lapho eqhamuka khona.
Ubonge nozakwabo abebamemile kulo mcimbi abafikile bezojabulisa abalandeli bakhe naye.
Yize lo mcimbi bekumele uqale ngo6 ntambama kodwa size sadlula isikhathi ngenxa yokuthi bekunolayini abade ngaphandle abantu bengangenile ngaphakathi e-ICC, nokwenze kwaba nokubambezeleka kancane.
IZINKUMBI zabantu ebezihambele umcimbi kaXoli Mncwango eThekwini e-ICC ngoMgqibelo
Image: Facebook/GagasiFM
Izolo kube nomcimbi wokugcina wona oqale ngehora lesine ntambama nakuwo obekugcwele phama.
Amathikithi alo mcimbi ezinsuku zombili adayisa aphela nokuyinto uXoli aveza ukuthi ubengayilindele njengoba wayehlele ukuthi umcimbi kube owosuku olulodwa kodwa wagcina uba yizinsuku ezimbili.
Related Topics: