Ezokungcebeleka

Ngizoveza izinto ebengizigcine ziyimfihlo: Nadia

Nokubongwa Phenyane|Published

UMREPHA uNadia Nakai oseveze ukuthi ziningi izinto ebezingaziwa azoziveza ohlelweni lwakhe okubuya isizini yesibili ngenyanga ezayo oluthi Nadia: Beyond Bragga

Image: Sithunyelwe

UMREPHA uNadia Nakai uthi uzoveza okuhlukile ngaye uma kuqala ukubonakala isizini yesibili yohlelo olukhuluma ngempilo yakhe iNadia: Beyond Bragga, oluzoqala ukukhonjiswa ngoSepthemba 6 ngo-7 ebusuku kuMTV Base (DStv Channel 322). 

Isizini yokuqala iqale ukukhonjiswa ngonyaka odlule yaba nedumela.

UNadia uveze ukuthi kule sizini entsha usekulungele ukuveza impilo yakhe ehlukile.

Uthe isizini izoba neziqephu ezingu-10 ezizogqamisa ukwenziwa kwe-albhamu entsha, ehamba izindawo ezihlukene nabangani bakhe njengoba ezobugqamisa nobudlelwane obusha anabo.

"Isizini lena esondele enhliziyweni yami, imayelana nokukhula kwami endimeni yomculo, ebudlelwaneni engikubo nangendlela engizibheka ngayo manje. Ngifuna ukuveza indlela engisebenza ngayo kanzima, ubuhlungu engidlula kubo njengoba kukhona amaphupho amakhulu engifuna ukuwafeza. Okwamanje ngisakha futhi ngelinye ilanga into engiyijahayo abantu bayoyibona bese bevuleka amehlo ukuthi kungani bengisebenza ngokuzikhandla kangaka," kusho uNadia.

Uveze ukuthi afuna kungajwayeleki emculweni ukuthi ungumuntu osebenza yedwa, yingakho ekhethe ukuthi kule albhamu entsha ethi Braggacy On The Horizon asebenze noMoozlie, Ney the Bae ukuze akhiphe into enesigqi futhi ejulile.  

"Uma lolu hlelo seluphakathi ngizophinde ngiveze indlela abangani bami uPhindi, Tshego noBobby abangeseke ngayo njengoba impilo ike yaba nzima. Babe nami kuvela izinto ezihlukene emehlweni omphakathi, bangivikela, bangeseka bama nami kukhona konke kukuhle kukubi, ngakho ngalokho ngifuna ukubabonga. Okunye okuzovela ukuthi angiseyena umculi ojabulisa abantu ezindaweni zobumnandi zasemadolobheni kodwa sengibheke ekubeni iciko elihambela amazwe aphesheya kwezilwandle ngisabalalisa umculo wami," kusho yena.