Ezokungcebeleka

Luthathwe wuDJ uhlelo lukaSthandwa Nzuza kuMoja Love

Nokubongwa Phenyane|Published

UBIBI Mbangula ozokwethula uhlelo olubheka izinto ezihlukene ezithinta umthetho iMolao o Reng kwiMoja Love.

Image: Sithunyelwe

UKUVULEKA kwamathuba ekulingiseni nasemsakazweni uKhozi FM, kwenze uSthandwa Nzuza washiya phansi ohlelweni abelwethula kwiMoja Love (157), oluthi Molao O Reng (Umthetho Uthini).

USthandwa usakaza uhlelo iChillaz ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Uhlelo abelwethula belubheka izihloko ezithinta izinto ezahlukene umphakathi ongaziqondi uma kuza kwezomthetho.

Isizini entsha yalo izoqala ukukhonjiswa ngoLwesine ngo-8.30 ebusuku.

Isizini entsha isizokwethulwa yintokazi enguDJ, uBibi Mbangula.

Kuyona uzohlangana namalungu omphakathi ehambisana nommeli ukuze baphendule imibuzo ehlukene, imiphakathi abazoyihambela edinga incazelo kuyo.

Bazobe bechazela abantu amalungelo abanawo uma kuza kwezomthetho, noma uma kwenzeka bebhekana namacala ahlukene. 

Ekhuluma ngokwethula lolu hlelo uBibi uveze ukuthi kuyamjabulisa ukuthola ithuba lokwethula uhlelo olufana nalolu olufundisa umphakathi ngezinto ezithinta umthetho.

“Angiyena umafikizolo emkhakheni wethelevishini kanjalo nomsakazo, sengisebenze kakhulu eziteshini ezahlukene, nakwithelevishini bengivela kwezinye izinhlelo zobumnandi. Ukwethula kwami lolu hlelo akukhona nje ukuthi ngijabulela ukubonakala kwithelevishini, kodwa ngithole ithuba lokuthi ngisize abantu, ngibalethele ulwazi futhi ngibakhuthaze bazi ngamalungelo abo namandla abanawo uma kwenzeka behlelwa yizinkinga ezidinga ukuthi babhekane nomthetho,” kuchaza yena.

Uthe ngesinye isikhathi abantu baba novalo uma bebhekene nomthetho, ngakho kulolu hlelo bazokwehlisa lolo valo, ukuze benze ulwazi lutholakale kalula kubantu futhi balusebenzise.

“Mina ngizoba phakathi kwabantu abanolwazi kanjalo nabantu bakuleli abadinga ukuvuleka amehlo nolwazi oluthe xaxa. Abantu esizoba nabo abafuna usizo ngifuna umbono wabo uzwakale. Umthetho uma kwenzeka wangahambisa kahle emacaleni ayebhekene nabo noma amanye abasabhekene nawo bakwazi ukuveza imibono yabo basizakale,” kusho yena.

Uthe ngisho abantu abangeke bakwazi ukuzifikela lapho beqopha khona kodwa uyanxusa ukuthi balubuke uhlelo ngoba bazosizakala kakhulu ngalo.