Ezokungcebeleka

Kunyakaze izinkundla zokuxhumana uKhuzani eveza ukuthi uyaganwa

Nokubongwa Phenyane|Published

UMCULI kamaskandi uKhuzani Mpungose oseveze ukuthi uyaganwa ngoDisemba

Image: Facebook

KUNYAKAZE izinkundla zokuxhumana umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose ekhipha isimemo sokuthi uzobe esinelwa kubo eMandaba, eNkandla, ngoDisemba 15.

UKhuzani ngoLwesibili umemezele lezi zindaba ekhasini lakhe kwiFacebook.

Sizwe sakithi, ngoDisemba 15, 2025 kuzobe kungena umakoti wokuqala emzini kababa, umbhidlango wokuvusa imizi yobaba usuqalile, asihlangane khona ngalolu suku,” kusho uKhuzani.

UKhuzani ohlelweni olukhuluma ngempilo yakhe oluthi Khuzani Bo! kwiSABC1 kwavela ethumela ebakhongi KwaMhlabuyalingana.

Ezinkundleni zokuxhumana indaba yokuganwa kukaKhuzani ibe wundabamlonyeni njengoba ebongelwe abaningi ngesinqumo sakhe.

Kodwa futhi abaningi bazibuze imibuzo uKhuzani angayiphendulanga njengoba ethe: “Umakoti wokuqala” abanye bebuza ukuthi uzothatha abangaki. Uthe impela usazolanywa umlobokazi azomthatha.

IMeya yaseLangalibalele, uMduduzi Myeza ithe: “Lana-ke kuyobe kukhona thina, umfana ovunula ngembuzi uyoba senkingeni”.

USamkelisiwe 'Sam K' Mtshali uthe: “Gawozi! kuyobe kusindwe ngobethole kushada Inkosi”.

UJay-Jay Njabulo Nsikelelo uthe: “Gawozi Ndlovu kaKhuba, uyisibonelo esihle emhlabeni”.

USmallg G Dbg uthe: “Bengithi bathi uthwele ngeke ube nomakoti?

USlindo Indlovukazi YakwaShenge uthe: “Awuuuuu madodaaaaaa insizwa yenzenjalo”.

Ethintwa uKhuzani ebuzwa ukuthi owaphi umakoti uveze ukuthi konke kuyogqama ngosuku lomgcagco okwamanje ngeke aze aveze lutho.

Uthe usazolanywa umlobokazi azomthatha.

Lo mculi kulindeleke ukuthi ngoNovemba enze umcimbi wakhe oba seKings Park, eThekwini iGcwalisa Spring Picnic: All White nokuzoqala ukudayisa amathikithi ayo ngenyanga ezayo.

Kuwo kulindeleke ukuthi kubonakale abaculi abanesasasa kusuka kumaskandi neminye imikhakha.

UKhuzani okunye akuvezile ngalo mcimbi wukuthi kuzohlonishwa abaculi abadala abaqala ukwenza lolu hlobo lomculo.