Ezokungcebeleka

UMama Mfundisi nohlelo lwezinkinga ezinhlasele umndeni wakhe

Nokubongwa Phenyane|Published

UMFUNDISI Mawuzole nonkosikazi wakhe uQueen Nandi abazobonakala bevezela umphakathi izinkinga zabo ohlelweni olukhuluma ngempilo yabo iNandi& The Rev ezoqala kuMzansi Magic kule nyanga

Image: Sithunyelwe

UMAMA mfundisi osanda kuba wundabamlonyeni muva nje ezinkundleni zokuxhumana eveza ekhishwa emzini abeqashe kuwo eSandton, uQueen Nandi, uzoveza impilo yakhe nomndeni wakhe emphakathini njengoba kuqala uhlelo lwabo oluthi, Nandi & the Rev kuMzansi Magic.

Lolu hlelo luzoqala ngo-Agasti 24 ngo-7 ebusuku.

Ngemuva kwalesi sigameko sokubonakala exoshwa emzini ayehlala kuwo, owesifazane owayemkhipha kuwo waveza ukuthi baba nesivumelwano sezinyanga ezintathu kuphela eshutha uhlelo lwethelevishini kodwa uNandi ubengasafuni ukuphuma.

Kulolu hlelo uNandi, nomyeni wakhe uMfundisi Mawuzole Mlombi, uthe bazogqamisa izinto ezehlukene ezithinta impilo yabo, ebandleni, ekhaya nasemphakathini.

“Ngimema ababukeli ukuthi bazobuka uhambo lwami nomyeni wami olugcwele izigemegeme ezehlukene ezizobonakala ohlelweni. Besihlonishwa eminyakeni edlule njengoba besaziwa njengabantu abakholwayo futhi umyeni wami engomunye wabefundisi abakhulu kuleli. Kodwa okuningi kwaqala ukungahambi kahle ngesikhathi sidlelwa umuzi nala kwaphela khona uzinzo phakathi kwethu. Manje umshado wethu ungaphansi kwengcindezi futhi nezingane zethu kuningi esezikubonile okwenza zingazi ukuthi zithembe bani,” kuchaza uNandi.

Uthe abakufunayo manje wukulungisa impilo yabo njengoba kunabantu abaningi emphakathini abababhekile futhi konke abakwenzayo manje wukubuyisa isithunzi sabo.

“Kuningi abantu abazokubona okuzophendula imibuzo yabo ngathi. Kodwa okunye wukuthi ngabe kukho  konke okwenzekile sizokwazi yini ukuthi siphinde sibe ngabantu esasiyibona phambilini?” kubuza uNandi.

Kwethulwa lolu hlelo nje ngo-Agasti 17, ngo-7.30 ebusuku, uMotlatsi Mafatshe uzobonakala ethula uhlelo oluthi, Kwanele Bazali.

Kulona kuzovela izelamani ezaxabana kudala kodwa osekufike isikhathi sokuthi izingane zazo zizihlanganise ukuze zixolelane.

Inhloso yalolu hlelo wukuthi bakhulume ngokwabaxabanisa bese beyakudlulisa kuphinde kube noxolo phakathi kwabo.