Ezokungcebeleka

ISABC iphika eyezinkinga zemali kuma ukuqoshwa koZalo

Nokubongwa Phenyane|Published

ISABC isikukhahlele ngazo zombili ukuthi kumile ukuqoshwa komdlalo Uzalo ngenxa yezinkinga zemali engangenile enkampanini eqopha lo mdlalo ithi konke kuqhubeka ngokujwayelekile. Abalingisi oNoxolo Mathula onguLilly, Thuthuka Mthembu (Nonka) noZama Magubane Ngcobo (Madongwe)

Image: X

ISABC ichithe izindaba zokuthi abaphathi benkampani iStained Glass TV, eqopha umdlalo Uzalo bakumisile ukuqopha ngenxa yokuthi imali ayikho.

NgoLwesibili ntambama kusabalale incwadi ezinkundleni zokuxhumana ebibhalwe abaphathi bale nkampani oPepsi Pokane, Theo Moodley noGugu Zuma-Ncube, beveza ukuthi izinkinga zemali azikho ngakubo kodwa balinde iSABC ikhokhe.

Izolo uCaroline Phalakatshela weSABC, utshele Isolezwe ukuthi kungamanga ukuthi kumile ukuqopha lo mdlalo, wathi konke kuyaqhubeka ngendlela ejwayelekile.

Akulona iqiniso ukuthi akushuthwa emdlalweni Uzalo, kodwa singakuqinisekisa ukuthi umsebenzi wokuqopha uyaqhubeka ngendlela ejwayelekile. ISABC isazibophezele ebudlelwaneni enabo nenkampani eqopha lo mdlalo okuyiStained Glass, futhi ubudlelwano bethu sisabuthatha njengobuhle kakhulu njengoba beqhubeka nomsebenzi omuhle wokubheka abasebenzi nabalingisi,” kusho uCaroline.

Uthe ngeke bakwazi ukuvezela abezindaba imininingwane ethinta isivumelwano abanaso semali emphakathini. 

Umthombo weSolezwe uveze ukuthi iSABC izama ukuzivikela ngalesi sitatimende njengoba ukusebenza kumile ngenxa yokuthi imali ayingenile.

“ISABC yenza nina nje abezindaba izingane ngale nto abaniphendule ngayo. Amanga aluhlaza ukuthi ukuqopha kuyaqhubeka, incwadi abaphathi beStained Glass TV bayikhiphe ngeSonto betshela abalingisi ukuthi bangavuki ngoMsombuluko ngempela kwenzeka lokho. Akusebenzi muntu nje ngenxa yokuthi imali kuze kube manje ayingenile, kuzobonakala ukuthi isonto liphela sezixazululekile yini lezi zinkinga kodwa nje iSABC iqamba amanga,” kusho umthombo.

IStained Glass, esitatimendenii esibonwe yiSolezwe siya kubalingisi nakubasebenzi ibazisa ngalesi simo,  ithe kukhona izingxoxo neSABC ukuze basilungise ngokushesha. 

“Siyawuqonda umthelela lesi simo esizofika sibe nawo komunye nomunye wenu kodwa ekuhambeni kwesikhathi sizonazisa okuzokwenzeka ukuya phambili. Siyakwazi ukuzimisela nokuzinikela eninakho emsebenzini futhi ngalokho siyanibonga,” kusho isitatimende.

Ezinyangeni ezedlule abalingisi bake balaxaza umsebenzi bekhala ngokungaholelwa.

UZalo ngomunye yemidlalo eke yabukwa abantu abangu-10 million kuleli okuyinto eyaba wumlando kuzona zonke iziteshi zethelevishini njengoba ingakaze yenzeke kuleli.

Kodwa muva nje ababukeli behle baze bafinyelela ku-4.9 milllion.

Umdlalo iMuvhango ozophela kule nyanga, ukwehlelwa ababukeli kube yisona sizathu esikhulu sokuthi iSABC ikhethe ukuqeda ngalo mdlalo obungasangenisi nzuzo.

UZalo kukaningi ezinkundleni zokuxhumana abakuleli beveza ukuthi aluqedwe ngoba seluyankanta.