ABALINGISI bomdlalo Uzalo uNoxolo Mathula noThuthuka Mthembu abaqoqe imali elinganiselwa ku-R115 770 ohlelweni iDeal or no Deal abanikele ngayo ezikhungweni ezihlukene zezintandane
Image: Sithunyelwe
ABAZISOLI ngokuthatha ithuba bayodlalela izindawo ezibheka izintandane ezihlukene abalingisi bomdlalo Uzalo, uNoxolo Mathula olingisa indawo kaLilly noThuthuka Mthembu olingisa indawo kaNonka.
Laba balingisi babonakale ohlelweni olukhonjiswa kwiS3 iDeal or no Deal Celebrity olwethulwa wuKatlego Maboe.
Muva nje abakwaSABC bakhethe ukuthi benze iziqephu lapho osaziwayo abahlukene bezoza kulolu hlelo bezoqoqa imali abazoyinikela ezikhungweni zezintandane ezithandwa yibona kuleli.
UTHUTHUKA Mthembu ejabulela imali ayiwine ohlelweni iDeal or no Deal anikele ngayo ekhaya lezintandane
Image: Sithunyelwe
UThuthuka uyena owaqale wabonakala esiqeshini sokuqala nalapho akhala wamuka nemali engu-R61 300.
Kule mpelasonto edlule uNoxolo uyena obedlala kulolu hlelo naye onikele esikhungweni iJumping Kids ngemali engu-R54 470.
Ekhuluma ngokuza kulolu hlelo uNoxolo uthe ukhethe ukuba yingxenye yalo ngoba ekholelwa ekutheni yonke ingane kumele ijabule.
"Nazo lezi zingane noma zingakhuliswa emakhaya okumele ngabe zikuwo, zijabule nabazali bazo, ngikhethe ukuthi nginikele esikhungweni sabo ngoba ngifuna bakhule beyizingane ezijabule bezibona befana nabanye. Ngale mali ngeke nje kusizakale ingane eyodwa kodwa ziningi ezikhona kuso ezizothola usizo ngezinto ezizidingayo. Ngiyaziqhenya ngendlela engidlale ngayo namhlanje nokudlalela bona futhi. Ngithemba ukuthi izinto abazozithenga zizobasiza eminyakeni eminingi ezayo," kusho uNoxolo.
UNoxolo uthe uyakholelwa kakhulu ekutheni noma into ungayiqala kancane kanjani kodwa uma unamaphupho iyogcina ikhula ibe ongayicabangi.
"Ngifisa lesi sikhungo sibe kwezinkulu ezisiza izingane ezingenabani. Mina ngesikhathi kuhlasela igciwane iCovid-19 ngaqala ibhizinisi elincane ngidayisa amabhanisi afakwe isoseji phakathi, kodwa manje lelo bhizinisi lami selakhula njengoba senginenkampani yokuphekela imicimbi emikhulu ngisho izinkampani zethelevishini uma kushuthwa kukhona ezingiqashayo, imishado, amaphathi nokunye. Ukuzinikela kwami kwangisiza futhi ngiyabona nakulona uhlelo lokho kungisizile kungakho ngiphume nemali engaka," kuchaza yena.