UDJ Zinhle osememezele izinhlelo ezihlukene zomcimbi wakhe iZee Nation Fest ezoba ngoMgqibelo
Image: Instagram
KULINDELEKE ukuthi uphinde udonse amehlo abaningi umcimbi wesibili owenziwa wuDJ Zinhle, iZee Nation Fest, ezobanjelwa eNasrec Expo Centre, eJohannesburg, ngoMgqibelo.
Kuwo uDJ Zinhle usuke ezojabulisa abalandeli bakhe ngomculo ehambisana nozakwabo abahlukene endimeni yomculo.
Kulo nyaka useveze ukuthi kubaculi abebenabo ngonyaka odlule bazophinde bafake abanye okukhona kubo uDlala Thukzin, Big Zulu, DBN Gogo, Elaine, Sizwe Mdlalose nabanye.
“Umcimbi walo nyaka uzoba yingqophamlando njengoba eminyakeni engu-21 ngangena emculweni ngikhethe ukuthi ngikhiphele abalandeli bami i-albhamu yami yokuqala, njengoba kungelula futhi kubiza ukukhipha i-albhamu ephelele kodwa ekugcineni ngikhethe ukuyenza. Isihloko sayo sithi Zee Nation Volume 1 futhi yenza kahle kakhulu kuzona zonke izindawo zomculo okuchaza kona ukuthi abantu bayithakasele,” kusho uZinhle.
Uthe njengoba kusele izinsuku ezimbalwa kube nomcimbi wakhe unemizwa ehlukene usuku nosuku, njengoba ngesinye isikhathi eba novalo, kwesinye ajabule ngomsebenzi awenzayo.
“Ngiwumuntu othandayo ukuhlanganisa abantu ndawonye, kungakho ngiqhamuke nomcimbi ofana nalona. Okunye engikuthandayo wukuthi uma ngenza into ngifuna konke kuhambe kahle, ngakho ngalo mcimbi ngifuna ukuthi abantu babe nomzuzu abangeke bawukhohlwe kungakho uba sendaweni enkulu ukuze sibe nabantu abaningi abafuna ukujabula,” kusho yena.
Uthe ukuwuqala kwakhe wafikelwa wukuthi agubhe iminyaka engu-20 endimeni yomculo kodwa wabona ukuthi akaqhubeke nawo nakulo nyaka neminye ezayo ngenxa yesasasa lawo.
Abanye babaculi nabaphathi bohlelo abazobe bekhona kubalwa uSipho Alphi, Mthunzi, Moozlie, Lady Amar, Mawhoo, Lady Du, Thabsie, Ashley, Nomfundo Moh, Liyema Pantsie nabanye.