USHELI Masondo ongumthungi wemgqephu egqokwa ngabalingisi abahlukene emdlalweni uShaka-Ilembe, muva nje kade ehambele edolobheni laseCalifornia embukiweni iSan Diego Comic-Con 2025 nala kusuke kubukiswa khona izimpahla ezigqokwa amabilingisi kumafilimu nasemidlalweni ehlukene
Image: Sithunyelwe
UHLULEKA nokuyichaza injabulo anayo uSheli Masondo osanda kubuya edolobheni iCalifornia, e-USA, nala kade ehambele khona umbukiso iSan Diego Comic Con, okuwumcimbi okubukiswa kuwo ingqephu yesintu ebonakala emidlalweni ehluke emhlabeni.
USheli ubeye kulo mcimbi ngomsebenzi wakhe wengqephu esetshenziswa emdlalweni uShaka-Ilembe okhonjiswa ngeSonto, kuMzansi Magic.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yalo mcimbi, uSheli uveze ukuthi ukuba sendaweni eyodwa nabantu abadumile emhlabeni abasemkhakheni owodwa naye, kumjabulise kakhulu.
Uthe kubona bekukhona u-Antoinette Messam owenza izimpahla ezazigqokwa kwifilimu ethi The Harder They Fall, Gersha Phillips (Star Trek: Discovery), Charlese Antoinette (Children of Blood and Bone) noLauren Miller (SupaCell).
“Namanje angikakholwa ukuthi ngithole ithuba lokuya emcimbini walolu hlobo, ngisenemizwa ehlukene yenjabulo kanjalo novalo. Ukuya kulo mcimbi nakho ngenye yezinto ezingijabulisile. Ukubona izimpahla zokugqoka ezenziwe yimi zikulo mbukiso njengoba zigqokwa kuShaka-Ilembe kusho ukuthi zidonse amehlo abathize, hhayi nje eMzansi kuphela kodwa nakwamanye amazwe,” kusho yena.
Uthe kulo mdlalo akubanga nje yizindaba ezixoxwa khona ezenze umdlalo waba nedumela kodwa ngisho izimpahla, izingoma kanye nendlela abenza ngayo izinwele ibe undabamlonyeni uma kukhulunywa ngomdlalo usuwonke.
“Kulo mdlalo sisebenzise izinto zemvelo ukwenza izimpahla ezigqokwa abalingisi, lokhu sikwenze ngenjongo yokuthi uhambisane nomlando wesizwe samaZulu ukuthi abantu babesebenzisani ezikhathini zakudala ukufihla imizimba yabo. Isikhumba sembuzi yisona esisisebenzise kakhulu. Amathambo, izimpondo zezilwane ezihlukene, izimpaphe, utshani namagxolo yizona zonke izinto esizithathile sakha ngazo izinto ezihlukene. Okuningi sikulande eMgungundlovu naseKrugersdorp,” kuchaza yena.
Uthe impahla ngayinye bayikhethe ukugqamisa isiko nokuveza ukuthi umlando usuka kuphi.
Uveze ukuthi ukwenza izimpahla ezigqokwa uQueen Ntombazi (Khabonina Qubeka), nezigqamisa ubuthakathi, ezikaKing Zwide kaLanga (Wiseman Mncube) ezisho impumelelo ngezinye ezibe umlando kuye ngoba zimenze kwadingeka ajule ngomqondo ukuthi zizoba ngezinjani.
Uthe akufisayo ukuthi ahlangane nabasiki bengqephu abasebancane kuleli ukuze abasize bathuthuke.
Related Topics: