Ezokungcebeleka

UXoli uthembisa lukhulu emcimbini wakhe e-ICC

Nokubongwa Phenyane|Published

UXOLI Mcwango uthembisa abalandeli bakhe into yamehlo emcimbini ozoba ngempelasonto iXolly Mncwango: The Unusual Encounter, ezoba se-ICC, eThekwini

Image: Sigciniwe

UTHEMBISA impelasonto abangeke bayikhohlwe abantu baKwaZulu-Natal abazobe behambele ikhonsathi lomculo wakhe uXoli Mncwango njengoba ezobe ebajabulisa e-ICC, eThekwini ngoMgqibelo nangeSonto.

Lo mculi waseMadlankala, eRichards Bay, uzobe enedili iXolly Mncwango: The Unusual Encounter kuyo ayehlele ukuthi ibe usuku olulodwa kodwa ngenxa yesasasa nokusheshe kuphele amathikithi, wagcina enze usuku lwesibili.

Ekhuluma ngezinhlelo sokugcina, ubonge wonke umuntu ozoba yingxenye yalo mcimbi nathe kuye ufana nomndeni wakhe.

“Ngijabuliswa ukuthi zombili izinsuku amathikithi adayise aphela. Ngizizwa ngithobekile ngothando abantu abangikhombise lona. Sekusele ukuthi sihlangane sonke sizojabula njengoba kuzoba izinsuku ezimbili abazobe bekulo mcimbi abangeke bazikhohlwe. Ukusuka ekujuleni kwenhliziyo yami, siyabonga, iIzandla zidlula ikhanda,” kusho uXoli.

Uthe ngoMgqibelo umcimbi uyoqala ngo-6 ntambama, kuthi ngeSonto uqale ngo-4 ntambama.

Esithangamini sabezindaba ayesenze eThekwini, uXoli waveza ukuthi wenza umcimbi ofana nalona ngoba efuna ukuzobonga uxhaso aluthole ekhaya futhi ezokwenza umcimbi wakhe wokuqala omkhulu ofana nalona.

Waveza ukuthi uyamethemba uJehova futhi kuwo uzobe ehambisana nabanye ozakwabo abehlukene asebenze nabo.

Ekhasini lakhe kwi-Instagram ubeseqalile ukuveza ukuthi khona abanye abaculi abazoba khona kodwa engabasho ukuthi ngobani.

“Ithimba lami lonke labaculi abaqhamuka KwaZulu-Natal, ngizoza nalo kusuka kubashayi bezinsimbi, ozakwethu emculweni nabanye, sizoba khona futhi sithembisa into yamehlo," kuchaza uXoli.

Wadalula ukuthi hambo lwakhe emculweni waluqala njengengane yomfundisi ngakho ukukhulela enkonzweni kwamsiza waqeqesheka ngezinto ezehlukene. Uthe ukwenza umcimbi wakhe wokuqala ebandleni ayekhonza kulo eGoli, kwashintsha izinto eziningi nokuyilapho abantu baqale bamazi ukuthi ungubani.