UMLINGISI, uPinky Ntshangase, onyelwe yinyoni esandleni njengoba ebonakala emidlalweni emibili emikhulu kuleli
Image: Sithunyelwe
UMLINGISI ogqame emdlalweni uMkhokha, uPinky Ntshangase, uthi kumesule izinyembezi ukuthola umsebenzi emidlalweni emikhulu emibili kanyekanye njengoba bese kuyisikhathi esingangonyaka ejika nelanga.
UPinky uzakhele igama elingisa emdlalweni uMkhokha, edlala indawo kaMaZungu.
Muva nje, ubonakala kwi-e.tv emdlalweni iScandal ewuKaMazibuko nasemdlalweni okhonjiswa kwiSABC1 othi Amalanga Awafani alingisa kuwo indawo kaMaCele.
Ekhuluma neSolezwe, uveze ukuthi yize kungelula ukuthi abe semidlalweni emibili kodwa uchichima injabulo ngokuthola ithuba elifana naleli elizomenza abe negama kuleli emkhakheni wokulingisa.
“Ukuba umlingisi eKZN, akulula njengoba kunemidlalo embalwa eyenziwa khona. Siyadinga ukuthi kulesi sifundazwe kube nemidlalo eminingi ezokwenza kuvuleke amathuba. Ukuphela komdlalo uMkhokha kungenze ngahlala ngingenzi lutho isikhathi eside yize bengingalilahlile ithemba ngoba bengihambela izinhlolokhono ezihlukene. Kuthe kuqhamuka leli thuba - befuna abalingisi kwiScandal - ngahamba ngafike ngenza inhlolokhono okwakugcwele kuyo abalingisi abadala futhi abadumile, nengalahlekelwa yithemba, kodwa kwathi uma ngibizwa ngafikelwa izinyembezi ngenxa yokujabula kakhulu,” kuchaza khona.
Uveze ukuthi kulo mdlalo ulingisa indawo yowesifazane osesithenjini ongunkosikazi kaDinangwe (Bongani Madondo).
“Ngifika njengonkosikazi osuka emakhaya ozoxazulula izinkinga ezibhekene nomshana wakhe njengoba umyeni wakhe efuna ukuthatha isithembu. Mina ngingunkosikazi omdala njengoba umyeni wami enesithembu. Ngakho ngibizwa ukuzokhuluma nomshana wami ukuthi akehlise umoya ngoba uyangibona nami ngalanywa amakhosikazi amane, indawo lena elandisa udaba olumnandi kakhulu abantu abazoluthakasela,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi nasemdlalweni Amalanga Awafani indawo yakhona uyithandile njengoba engowesifazane ofika edolobheni ukuzobuyisa amandla okuthatha ibhizinisi kumyeni wakhe ongaliphethe ngedlela okuyisitebele sokuqopha.
“Umnyeni wami uTsunami kulo mdlalo, uMaCele wamthola engenalutho bashada wamfaka emabhizinisini. Inkinga uthanda amantombazane akalinakile ibhizinisi. Ngakho uMaCele usuka emakhaya uzolungisa konke okonakele futhi ufika afune kwaziwe ukuthi la mabhizinisi awakhe kodwa ubewashiyile ngoba efuna ukuyokhulisa izingane. Ungumuntu onolaka, ongezwa ngomuntu wesilisa kodwa onothando ngesinye isikhathi,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi ngaphandle kokuba kule midlalo emibili, kukhona amanye amafilimu awashuthayo angeke akwazi ukukhuluma ngawo okwamanje.