UJACINTA Ngobese-Zuma uthi usezogxila emfundweni nasemkhankasweni wakhe iMarch and March ukuze aqhubeke nokulwa nabantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho
Image: DOCTOR NGCOBO/Independent Newspapers
USEVEZE ukuthi uzophindela esikoleni ayofunda kabanzi ngezomthetho aphinde agxile nasemkhankasweni wakhe weMarch and March wokulwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho obengumsakazi kwiVuma FM, uJacinta Ngobese-Zuma.
Kube yisililo sodwa kuJacinta nakubalaleli bakhe ngesikhathi enza uhlelo lokugcina oluthi #TheCruise abelwenza ngo-9 kuya ku-12 emini.
Ekhuluma neSolezwe ngemuva kokuqeda uhlelo lwakhe, uJacinta uthe kube usuku olunzima izolo njengoba ubeshiya into ayithandayo.
“Umsakazo bekuyinto engiyithanda kakhulu kodwa ke lokhu akusho ukuphela komhlaba. Kuningi engisadinga ukukwenza ukuya phambili. Imfundo iyona engizoqhubeka nayo ngenxa yokuthi umkhankaso weMarch and March olwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho ungikhombise ukuthi kukhona okumele ngikwazi okudinga umthetho,” kusho uJacinta.
Uveze ukuthi afuna kungenzeki ukuthi abantu baphelelwe amandla nethemba lokuthi kuliwe nabakuleli bangaphandle abangene ezweni ngokufohla.
“Ukungabi kwami semsakazweni akusho ukuthi kuphelile ngomkhankaso ebengiwenza. Kula ngizothola khona amandla manje nesikhathi sikwazi ukuqhubeka nokulwa. Kusasa (namhlanje) sivula inyanga yabesifazane ngemashi okuzobe kukhona kuyo ozakwethu baseGoli, abasemkhankasweni ofanayo okukhona kubo uGudluza. Sizoqhubeka nakho njalo ukuthi asisukume silwele izwe lethu ukuze izingane zibe nekusasa elihle kuleli lizwe lethu noma sesingekho. Kuyacaca ukuthi uhulumeni akahambisani nathi futhi asizilwele sodwa,” kuchaza yena.
UJacinta ugcina kulo msakazo nje, kulandela ukumemezela ukuthi lesi siteshi sesimkhombe indlela. Waphanyeka isitatimende esimemezela lokhu ekhasini lakhe kwiFacebook emasontweni amabili adlule.
Kusona waveza ukuthi umqashi wakhe umnikeze incwadi ebimtshela ukuthi inkontileka yakhe yokusebenzela isiteshi inqanyuliwe ngaphandle kokumbekela isizathu.
“Sekufikile ezindlebeni zami ukuthi kungene isikhalo ngenhlangano engaphandle noma ngomuntu othile,” kusho uJacinta.
Waveza ukuthi ngeke ande kakhulu ngemininingwane yaleso sikhalazo.
Related Topics: