ISILOMO somlingisi, uThembinkosi Mthembu, siveze ukuthi isithintile indawo yeNkosi uDingiswayo ebesiyilingisa emdlalweni Ishaka-Ilembe nekhulumise abaningi esiqeshini sangeSonto
Image: Sigciniwe
YAMKHALISA indlela eyakhothama ngayo Inkosi uDingiswayo, umlingisi uThembinkosi Mthembu nathi kwenzeka lokhu eshutha isigaba sokugcina esikhonjiswe emdlalweni Ishaka-Ilembe ngeSonto.
Lesi silomo somlingisi waKwaNdengezi sishayelwe ihlombe abaningi ngendawo yaso nabayincome kakhulu indlela ayilingise ngayo.
Abalingisi abahlukene, abalandeli balo mdlalo kanye nabaphathi beBomb Production eqopha lo mdlalo bancome ukuzinikela kukaThembinkosi nekhono alikhombisile kusuka kwisizini yokuqala yalo mdlalo.
Ekhuluma neSolezwe, uThembinkosi uveze ukuthi kwananye iyammangaza indlela abantu abameseke ngayo kuvezwa isiqephu sokugcina njengoba ethole izingcingo ezihlukene ngisho ezinkundleni zokuxhumana abantu basakhuluma ngaye.
“Kusuka ngeSonto ebusuku ngemuva kokuphela kwesiqephu bengithola izingcingo ezivela ebantwini abahlukene bencoma indlela engiyilingise ngayo le ndawo. Kimi kwaba kukhulu nje kusuka ekuqaleni ngenxa yokuthi kwakungokokuqala ngithola indawo ephambili emdlalweni wakuleli kwangagcina ngalokho ngaphinde ngathola indawo yokulingisa inkosi. Angifuni ukuqamba amanga ngafikelwa wusizi olukhulu ngesikhathi ngiqopha lapha ngilele phansi ngizogandaywa yizinkomo. Umunyu owangifikela owokuthi manje sengiyayidedela indawo yeNkosi uDingiswayo ebengiyilingisa futhi ngiyaqala ukuthi ngife njengomlingisi selokhu ngaqala kulo mkhakha,” kusho uThembinkosi.
Uthe uyalubonga uxhaso aluthola kubantu bakuleli nothando abamkhombisa lona njalo uma behlangana naye.
“Mina ngicabanga ukuthi ukungazithwali yikhona okwenza abantu bangithande kangaka. Ukuba nogazi ngakubona ngisho ngiqeqeshelwa khona ukulingisa abangani bami bangakutshela. Ngakho namanje lokhu okwenzekayo akungithusi kodwa kunalokho kuyangikhuthaza ukuthi ngiwenze kahle nakakhulu umsebenzi wami,” kuchaza yena.
Ukugcizelele ukuthi naye uyaziqhenya ngomsebenzi awenzile futhi izindaba ezifana nalezi zomlando uyathemba ukuthi ziyosiza isizukulwane esizayo njengoba namanje kukhona abebengazi ukuthi uDingiswayo yinkosi eyayiphila kanjani nokuthi yakhothama kanjani.
Ubonge abadidiyeli uDesiree Markgraff no-Angus Gibson athe bamethembe bengamazi njengoba ahlangana nabo okokuqala ezokwenza inhlolokhono yalo mdlalo bamthanda futhi bameseka kwaze kwaba sekugcineni.
Related Topics: