Ezokungcebeleka

Umunyu abalingisi beqeda kuqopha iMuvhango

Nokubongwa Phenyane|Published

ABALINGISI beMuvhango abahlukene baveze imizwa yabo njengoba ngesinto bebeqopha isiqephu sokugcina njengoba lo mdlalo obusukhonjiswe iminyaka engu-28 ufinyelelwa emaphethelweni ngesonto elizayo

Image: Sigcinwe

ABALINGISI abahlukene bomdlalo iMuvhango osukhonjiswe iminyaka engu-28 kwiSABC2, kuvezwe imizwa yabo yosizi njengoba ngoLwesihlanu olwedlule bebeqopha isiqephu sokugcina salo mdlalo.

Lesi siqephu sizokhonjiswa ngo-Agasti 8.

Lo mdlalo owazakhela igama ngombango wamafa owawuthinta umndeni wasebukhosini baseVenda, iSABC ikhethe ukuqeda ngawo njengoba kuvela ukuthi ubungasenzi kahle.

Kuwo abalingisi okukhona kubo uKhanyi Mbau, Gabriel Temudzani, Dingaan Khumalo, Lindiwe Chibi, Macdonald Ndou nabanye bazakhela igama ngokuba yingxenye yawo futhi wabenza baduma kuleli.

Abalingisi abaduma kuwo kubalwa uThandaza Mokoena, Azwindini, Vho Mulimisi, Gizara, Susan Mukwevho nabanye.

Ezinkundleni zokuxhumana abanye babalingisi baveze imizwa yabo ngokuqeda kwabo ukuqopha.

Abasebenzi balo mdlalo abebengemuva kwemishini eshuthayo uBongiwe Mavuso noMalisela Seshibedi, baqophe i-video bekhuluma ngezinto ezihlukene ezinhle nezimbi abahlangabezane nazo kulo mdlalo.

“Bekukhona izikhathi ezinzima obesibhekana nazo kodwa sakwazi ukuqhubeka nomsebenzi sengathi akukho okusikhathazile emoyeni. Bekuphinde kube nomzuzu omnandi sibambisene sonke nokuyinto engingeke ngiyilibale kalula,” kusho uBongiwe.

Umlingisi uWavhudi Lidzhegu, olingisa indawo kaVhutshilo, oyindodaka yeNkosi u-Azwindini, uthe kuye kube wusuku olugcwele umunyu njengoba bese siside isikhathi eyingxenye yomdlalo.

“Ngizizwa ngifikelwa wusizi njengoba sisosukwini lokugcina namhlanje. Ngizokhumbula wonke umuntu ebengilingisa naye nabo bonke esisebenze nabo kulo mdlalo. Ngangineminyaka engu-17 ngiqala ukuba yingxenye yawo, isingaphezu kwengu-9 iminyaka ngiyingxenye yalo mdlalo, ngakho ngiphatheke kabi kodwa ngidinga ukuthi ngivuke ngizithathe,” kusho yena. 

Njengoba iMuvhango iphela iSABC yaveza ukuthi isikhala sawo sizovalwa umdlalo owuchungechunge othi Pimville Queens