Ezokungcebeleka

Ufisa ukukhula emidlalweni yakuleli olingisa ephambili kwiHomecoming

Nokubongwa Phenyane|Published

UMPUME 'Six' Nyamane ozolingisa indawo ephambili kaZethu Hlongwane emdlalweni iHomecoming

Image: Sithunyelwe

INTOKAZI yaseMadadeni, eNewcastle, uSix Nyamane isiveze ukuthi kuyayijabulisa ukuthi ekugcineni ithole ukulingisa indawo eyibuyisela empilweni yasemakhaya okuyiyona ekhule ngayo.

USix ungomunye wabalingisi abazoqala ukubonakala emdlalweni iHomecoming, ezoqala kuMzansi Wethu (163) ngo-6.30 ntambama kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, nala ezolingisa khona indawo kaDkt Zethu Dlomo. 

Le ntokazi esike yabonakala emidlalweni okukhona kuyo iGenerations: Legacy ithi kayiyona umafikizolo ekulingiseni njengoba ikhona neminye imidlalo emikhulu eke yabonakala kuyo namafilimu.

USix uthe yize engumlingisi kodwa ukuba unontandakubukwa yikhona angakukhonzile yikho sengathi ungumuntu ongadumile.

Ekhuluma neSolezwe, uSix uveze ukuthi kulo mdlalo intsha izothola isifundo sokuthi empilweni ungafunda ugogode kodwa impilo ingahambi ngendlela ofisa ngayo.

“Kule minyaka engu-8 ngisekulingiseni, kungijabulisile ukuthola indawo ezoletha isifundo ezithile entsheni ezibona ngathi ifundele ubala. Kuyajabulisa ukuba semdlalweni othinta indawo yasemakhaya njengoba kuzoba sengathi siqophela eBergville, okuyindawo engekho kude nedolobha engizalwa kulo. UDkt Dlomo udumile ngoba ungomunye wodokotela okubahambela kahle empilweni kodwa izinto ziyajika uma ephelelwa umsebenzi ngemuva kweminyaka engu-7 ehlala eGoli, ebuya ekhaya, nala afike abhekane khona nengcindezi yokudelelwa emphakathini abanye bemhleka ukuthi usewumahlalela. Kuba ngathi impilo imbuyisela emuva. Ngiyathemba kukhona ezobavula amehlo indawo yami ukuthi kukhona izimo ezikuvelelayo kodwa ngesinye isikhathi kukhona la zisuke zikuholela khona,” kuchaza uSix.

Uveze ukuthi okunye ngalo mdlalo uzoveza ukuthi ukwelapha ngendlela yesimanje eyafika nabamhlophe kanye nokwelapha ngesintu ngesinye isikhathi kukhona la kusindisa khona.

“Ngibonga ithuba lokuveza konke okuzokwenzeka kulo mdlalo engithemba ukuthi kuzosiza imiphakathi ehlukene yabantu abakholelwa kodokotela nasezinyangeni. Angifuni nje abantu babuke umdlalo ngoba befuna injabulo kodwa abathole isifundo kuwo. Ngiyabonga kuzona zonke iziteshi ezinkulu esengisebenze nazo, zenze umehluko omkhulu empilweni yami,” kusho yena.

Uthe yize abalingisi abaningi benesifiso sokuthi babonakale emafilimini aphesheya kwezilwandle abanye baze bayohlala khona kodwa yena kuyobe kulungile uma ebonakale kweyodwa yaphesheya kwezilwandle kodwa akufuna kakhulu ukuthi ithalente lakhe libonakale kakhulu kuleli.