Ezokungcebeleka

UKhuzani uveza izinguquko ezizokwenzeka emcimbini Igcwalisa

Nokubongwa Phenyane|Published

UKHUZANI Mpungose useqalile ukumemezela izinhlelo zomcimbi Igcwalisa Spring Picnic: All White kulo nyaka ezobanjwa okwesine

Image: Sithunyelwe

KULINDELEKE ukuthi kuhlonishwe izinkakha ezaqala umculo kamaskandi emcimbini ohlelwa umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose ozobanjwa okwesine iGcwalisa White Spring Picnic: All White.

Umcimbi wanonyaka uzoba seKings Park, eThekwini, ngoNovemba 8.

Ekhuluma ngezinhlelo zokuqala, uveze ukuthi amathikithi azoqala ukudayisa ngenyanga ezayo futhi abalandeli abazozikhethela abaculi abazonandisa.

Uthe kodwa okubaluleke kunakho konke ukuthi emcimbini walo nyaka kuzohlonishwa izinkakha zabaculi ababa nesandla ekuqaleni umculo kamaskandi.

“Kulo nyaka sokwethula ihora elizokwaziwa ngokuthi hora lama-legend. Kulona sobe sihlonipha abaculi abadala ababa nesandla esikhulu ekuqaleni umculo kamaskandi osubanjwe yithi manje. Ihora elizobe likhethekile kakhulu kuthina leli njengabahleli bomcimbi ngoba la maqhawe abalulekile ngakho kumele singawakhohlwa. Kulo nyaka abaculi abadala bazoba khona bajabulise abazohambela lo mcimbi bukhoma bese sibahlonipha ngomsebenzi abasishiyela wona. Kulo sophinde sibheke umlando walo mculo nokuthi lowo mculi wangena kanjani kuwo futhi wahamba liphi ibanga kuwo,” kuchaza uKhuzani.

Uthe okunye ngalo mcimbi abakuhlelile ukuthi abalandeli bakamaskandi bazothola ithuba lokuthi bavotele abaculi ababathandayo abazoba yingxenye yomcimbi walo nyaka.

“Ngemali abalandeli abazobe bevote ngayo, sikhethe ukuthi sibuyisele emphakathini njengoba sinomgomo wokuthi sifake isandla la kudingeka khona. Ngayo sizosiza abafundi abafuna ukufunda kodwa abangakwazi ukukhokha izindleko zabo zeNSFAS. Abaculi abazovotelwa kumele abe nengoma esilalelwe okungenani izikhathi eziyisigidi (1 million), noma ngabe eyamuphi unyaka. Yonke imali eqoqwa ngalezi zinkokhelo ze-SMS izoya ku esikhwameni sethu esaziwa ngeStudent Support Fund, okusho ukuthi izosetshenziswa ngokuphelele ukusiza labo bafundi abazoqokwa ngokucophelela, abadinga usizo lwezezimali,” kuchaza yena.

Uthe kuye lo mcimbi manje awusewona nje owokujabula kuphela kodwa usuhlangane nothando analo lomculo, ukusiza emphakathini, kanye nokuhlonipha abaholi bokuqala bemboni. 

Unxuse ukuthi wonke umuntu abambe iqhaza uma sebevule ithuba lokuvota ngoba lokho kuyosho ukushintsha impilo yomunye umuntu.