UMLINGISI uManaka Ranaka uthi ukuthokozele ukwethula uhlelo lwethelevishini oluthi Eyamadoda, oluzoba ngolokuqala kuyena njengoba ezakhele igama ekulingiseni nasohlelweni olukhuluma ngempilo yomndeni wakubo
Image: Sithunyelwe
IZINHLELO ezintsha ezizoqala esiteshini uMzansi Wethu (kuDStv 163), kusuka ngoMsombuluko ozayo yizona ezenze kwaba nezinguquko kulesi siteshi njengoba izindaba ebezikhonjiswa ngo-7 ebusuku sezizongena ngo-5 ntambama.
Izinhlelo ezintsha okukhona kuzo iBad Girls Bootcamp neYoungins yizona ezizovala isikhala sezindaba njengoba zizongena ngo-7 ebusuku kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
NgoMsombuluko kuya kuLwesithathu ngo-6.30 ntambama kuzoqala umdlalo omusha othi Homecoming, ngoLwesine kungene uhlelo olithi Yithi Laba ngoLwesihlanu kube oluthi Eyamadoda.
UPortia Hlongwane weMzansi Magic uveze ukuthi inhloso yabo enkulu wukuthi badonse amehlo abantu abasha njengoba izinhlelo eziningi ezizayo zithinta bona ngqo.
“Hhayi ngoba kukhona okuhamba kabi ngezinye izinhlelo, isiteshi sikhethe ukuthi senze lezi zinguquko ukuze sihehe amehlo abantu abahlukene kodwa ezizogxila kakhulu kubantu abasha. Ukuqala kwesonto kuzobonakala imidlalo ezogcina ngoLwesithathu bese kuthi kusuka ngoLwesine sibe nezinhlelo ezithinta impilo yabantu ezenzeka ngempela. Siyathemba ukuthi lezi zinguquko zizokwenza omkhulu umehluko futhi ababukeli bazijabulele,” kusho uPortia.
Uthe ohlelweni iBad Girls Bootcamp kuzobonakala izintokazi ezisencane ezifuna ukushintsha impilo yazo, nezizobhekana nobunzima obuhlukene esikhungweni ezizobe ziyofuna ushintsho kuso.
UManaka Ranaka uzobonakala ethula uhlelo oluthi Eyamadoda noluzosiza abantu abafuna ukuhlangana nobaba babo abangakaze babe khona empilweni yabo.
Uthe lezi zinhlelo zombili zizoletha imibono ehlukene kubantu bakuleli nabangangabazi ukuthi ezizokuveza kuzoshiya abantu bemangele.
UManaka uthe kuye kusho lukhulu ukwethula uhlelo olufana nalolu njengoba luzoshintsha impilo yababasizayo futhi kuphinde kuphenduleke imibuzo yabaningi.
Related Topics: