Umlingisi uDawn Thandeka King useveze ukuthi ukuqala ukulingisa emdlalweni Uzalo kwashintsha izinto eziningi emshadweni wakhe okwaholela ekutheni uphele
Image: X
UMLINGISI, uDawn Thandeka King, uthi umdlalo Uzalo yiwona owaqeda ngomshado wakhe njengoba kwaphoqa ukuthi aqhele kumyeni wakhe nezingane ethola indawo azoyilingisa kulo mdlalo.
UThandeka ubekhuluma ohlelweni i-Untied eyethulwa uRelebogile Mabotja, kwiShowmax.
Uthe azisola ngakho kakhulu ngomshado wukungena kuwo eneminyaka engu-27.
Uthe bahlangana besafunda enyuvesi nokwathi eqeda wathola ingane yakhe yokuqala njengoba benezinhlanu manje.
“Umuntu engathola kuye uthando oluyisimanga, saqala ngokuthola abantwana ababili sabe sesiyashada. Ngo-2012 kula umkhakha wokulingisa waqala ukungingena khona, nokwathi ngo-2014 ngathola indawo engizoyilingisa emdlalweni Uzalo. Kwaba yisikhathi esimnandi kimina nomndeni wami sijabule nokwaphoqa ukuthi ngizohlala eThekwini ngoba umsebenzi ungiphoqa. Umyeni wami nguyena owasala ekhaya nezingane ngibavakashela ngezimpelasonto, kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngabona ukuthi kukhona ukuqhelelana phakathi kwethu ngenxa yokuthi asisahlali ndawonye, kodwa ngakuziba konke lokho,” kusho uThandeka.
Uthe ngokuhamba kwesikhathi kunokuthi izinto zibe ngcono zabheda kakhulu ngenxa yokuthi ngisho uma ethola eminye imisebenzi noma kube khona into emjabulisile emsebenzini wayengakwazi ukubuya azotshela umyeni wakhe.
UMLINGISI uDawn Thandeka King usephumele obala ngokwaqeda umshado wakhe weminyaka engu-13 athola kuwo izingane ezinhlanu
Image: X
“Ubaba wezingane zami lona ngeke ngimbeke kabi ngithi kukhona okubi akwenza kimi. Kodwa ukusebenza kwami yikhona okwadala uqhekeko kithi, njengoba kwakungasekho ukujabula noma ngikhona. Ngikhumbula nje izinto zingihambela kahle ngisebenza kuZalo kanjalo nasemdlalweni iLockdown, kodwa kimina izinto zazimapeketwane ngihlala ngikhala ngaso sonke isikhathi. Abantu babengijabulela ngilingisa emidlalweni emikhulu kodwa empilweni yami yangasese ngangingafisi lutho. Okwangenza ngakhetha ukuphuma emshadweni wukuthi kwase kunezigameko lapho ayengalali khona ekhaya uma ngibuyile futhi kukhona umuntu oyedwa ayehlala emfonela, ekhuluma naye ocingweni. Ngabona lapho ukuthi hhayi kuphelile,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi ingcindezi yamhlasela ngendlela yokuthi waze wangeniswa esibhedlela ezama ukwakha umshado wakhe.
“Ngahamba odokotela bengqondo naye ngizama ukwakha umshado wami. Kodwa uma umuntu wesilisa esenomunye umuntu ngeke umenze lutho. Ngangizitshelile ukuthi ngeke ngiwushiye umshado wami. Ngaze ngatshela udokotela ukuthi ngifuna ukuthi yena ayeke lona ayethandana naye ukuze umshado wethu ubuyele esimeni. Ngakhetha ukuthi ngiqede ngomshado wami ngoba ngase ngizibona ngingenamsebenzi, ngathatha isinqumo sesehlukaniso ngoba ngifuna ukuqeda ubuhlungu engangibuzwa, bokungathandwa,” kusho yena.
Uthe zikhona izinto angafuni ukukhuluma ngazo ezenzeka emshadweni wakhe ahluleka wukuzibekezelela, ngoba wayebona engaphephile yize umama wakhe wayemtshela ukuthi akahlale emshadweni wakhe.
Related Topics: