KULINDELEKE ukuthi igqame indawo kaNomalanga Shozi azoyilingisa emdlalweni omusha iBlack Gold ezoqala ukubonakala kuBET Africa (Channel 129)
Image: Facebook
NGEMUVA kwezinxushunxushu ezike zahlasela isiteshi iBET Africa iqeda imidlalo ngenxa yokuqasha izinkampani ezidla imali zingaholeli abalingisi nabasebenzi, lesi siteshi asiphelile amandla njengoba simemezele umdlalo omusha othi Black Gold.
Ngonyaka odlule, lesi siteshi kuphoqeleke ukuthi siqede umdlalo othi Queendom obuqoshwa yinkampani iClive Morris Production.
Ube isilandela ngePound to Pound ebikhiqizwa iBakwena Productions kaKagiso Modupe.
Yomibili le midlalo kwaba nezinkinga ezithinta imali njengoba kwasolwa abaphathi bezinkampani eyikhiqizayo ukuthi bayidlile, base behluleka ukuholela abalingisi.
I-BET Africa yakhetha ukuqeda ngayo yomibili.
Izolo, imemezele izindaba zomdlalo omusha oqoshelwe KwaZulu-Natal, ngo-Agasti 18 (Channel 129), ngo-6.30 ntambama.
Intokazi yasePort Shepstone, uNomalanga Shozi, iyona ezolingisa indawo ephambili ka-Amanda Zungu oyintokazi engajiki entweni ekholelwa kuyo, ngalokhu ephoxwa abantu abasondelene nayo.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi eshonelwe uyise, owamshiyela konke ayenakho kodwa usinganina uFlorence Zungu (Dawn Thandeka King), akuthathe konke.
UNomalanga uthe uma u-Amanda eshonelwa nguyise izinto zangamhambeli kahle ngenxa yokuthi uyena osolwa ngokufa kwakhe.
“Umdlalo uhamba ekutheni le ntokazi isifuna ukubuyisa amandla ekade inawo emabhizinisini omndeni, umlando nomhlaba wakubo. Ababukeli abangakubheka ukuthi uzokwazi yini ukubuyisa konke athathelwe khona, anqobe nowesifazane olwa naye ukuze aphinde avikele ifa alishiyelwe ubaba wakhe,” kuchaza yena.
Kukhona nomlingiswa kaSello Maake KaNcube osemkhakheni wezimayini futhi odume ngokuba yingozi.
Echaza ngendawo yakhe uThandeka, uthe uFlorence ungowesifazane ofana nesishingishane njengoba engafuni muntu oma endleleni yakhe.
“Umuntu onyathela uFlorence usuke engaphephile, ufuna noma yini ezomenza aphumelele futhi uyakwazi ukuyithola noma isimo sinjani. Ukulingisa indawo efana nalena kimi kungilethele injabulo kodwa ehambisana nezingqinamba ngenxa yokuthi unonya, uphumasilwe futhi akakhohlwa okubi okumehlele,” kuchaza uThandeka.
USello Maake-Ncube uveze ukuthi umlingiswa wakhe, uTom, yindoda elandelwa umlando futhi neyenza yonke into ngoba izibona inamandla.
“Owesilisa osempini ngenxa yomlando wakhe emkhakheni wamabhizinisi. Indawo lena ezokhombisa okukhulu ngabantu abasemabhizinisi, abanye abadlula kukhona lokhu okwenzeka kuTom kodwa kukuthi singumphakathi asikwazi,” kuchaza yena.
Laba bobabili bathe abangabazi ukuthi umdlalo lona ozojabulelwa abaningi.
Abanye abalingisi abadumile abakhona kulo mdlalo kubalwa uZamani Mbatha, Warren Masemola, inkakha yomlingisi u-Ernest Ndlovu, umethuli wezinhlelo uSiphesihle Vazi noThulani Mtsweni.
Related Topics: