UZE wajikijelwa ngamakani abantu baseDundee befuna aphume esiteji uKelly Khumalo njengoba kuthiwe ubesecule isikhathi eside emcimbini iDundee July Experience ngoMgqibelo
Image: Sigciniwe
KUVELA ukuthi bese bedinwe befa abathandi bomculo abebehambele umcimbi iDundee July Experience, ngoMqgibelo ebusuku ngemuva kokuthi uKelly Khumalo engene isikhathi eside ecula esiteji engasaphumi.
NgeSonto kusabalale i-video ebikhombisa uKelly ecula kulo mcimbi omkhulu owenzeka ngemuva kowamahhashi oba semini, eDundee.
Lo mcimbi uhlelwa wusomabhizinisi uVezokuhle Nala, obuye abe ngumphathi wenkampani yokungcwaba edumile.
Kulo mcimbi okhula minyaka yonke uKelly ubengomunye wamaciko abekhona ehambisana nozakwabo okukhona kubo uMawhoo, Duncan, Mthandeni, Dladla Mshunqisi, Sminofu, Limit Nala nabanye.
Abazibonele kwenzeka isigameko lapho uKelly eze wajikijelwa khona ngamakani bathi ufike egadiwe emcimbini kwaze kwaba wukuthi uyahamba kulo mcimbi kukhona isigora esimqaphile.
“Ufike egadiwe vele kwaze kwaba wukuthi nangesikhathi esecula bekukhona indoda ebilokhu imlandela. Kulo mcimbi uze ajikijelwe nje yingoba ubengasaphumi esiteji nokuyinto ecasule abantu ngoba bebebaningi abaculi obekusalindeleke ukuthi bangene esiteji. Kubantu bangapha ngenhla nesifundazwe wumcimbi osemkhulu kubona lona yingakho bekungcwele kunyinyitheka. Ngiyabona naye ubone kungcono ukuthi azifunele onogada ngenxa yokubona engaphephile ngemuva kwenkulumo ephume muva eshiwo wuMalesela Teffo (owayengummeli ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa), kodwa elinye iphutha alenzile wukucula bukhoma ngoba cha beyibhora indlela abecula ngayo,” kusho umthombo.
Kelly Khumalo
Image: SIGCINIWE
UKelly ubecula ingoma yakhe ethi Esphambanweni, abeyicula bukhoma.
Unogada obenaye ubelokhu emlandela, uma ezungeza esiteji, nokugcine ngokuthi kubonakale ikani lindiza emoyeni.
UKellu uzamile ukugoba alicoshe kodwa unogada wakhe washeshe walithatha, uKelly waqhubeka nokucula waze waphuma.
Bebekhona abantu abebemlekelela kucaca ukuthi bayazijabulela izingoma zakhe.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu babe nokudideka ngokuthi ushayelwani, abanye bavusa yona indaba yokushona kukayise wengane yakhe uMeyiwa.
Related Topics: