AKHALA ayazithulisa amaciko aKwaZulu-Natal ayeyingxenye yomcimbi ireSURGEnce owawenziwe wuMasipala weTheku ngonyaka odlule namanje angakaze ayithole imali yawo ngokuqashwa kuwo
Image: Sigciniwe
AKHALA isililo amaciko aKwaZulu-Natal okwathi ngonyaka odlule aqashwa wuMasipala weTheku ngenjongo yokunandisa emcimbini i-reSURGEnce Durban Conference.
Lo mcimbi owawuse-ICC ngoJulayi waba yizinsuku ezinhlanu, kwakuhlanganiswa osomabhizinisi abancane bakuleli nabaseMelika ukuthi bazokhangisa ngamabhizinisi abo ukuze kube nokuhwebelana.
Akugcinanga lapho kwaba nekhonsathi yomculo yokuwuvala okwakukhona kulo umculi waseMelika uHezekiah Walker.
Kubaculi bakuleli nabaphathi bohlelo kubalwa uXoli Mncwango, Ayanda Ntanzi, Ga Ndlela, Mnqobi Nxumalo, Dumi Mkokstad, Hlengiwe Mhlaba, Thobekile, Thandeka Dube, Clermont Choir, Linda Sibiya, Phindi P, Lundi Mnomiya nabanye.
Isolezwe lithintwe abasebenzi abahlukene nabaculi ababeqashwe yinkampani i-African Global Networks okuyiyona eyayibheke omunye umsebenzi wokuhlela, bekhala ngokuthi imali yabo ayikaze ipheleliswe.
Laba abathinte Isolezwe bathe okubakhalisa kakhulu wukuthi uMasipala weTheku usuqalile ukukhangisa ukuthi lo mcimbi uyabuya kulo nyaka kodwa imali yabo bengakayitholi.
“Akukho esingakuzamile ukuthinta abahleli bomcimbi ukuzwa ukuthi kwenzekani ngemali yethu, kodwa abantu abasiqasha nabo bakhomba umasipala ngenjumbane bathi kukhona imali engakuwona. Besithule ngoba sinethemba lokuthi sizokhokhelwa kodwa manje sesiyamangala uma sekuthiwa imali isingenile kodwa lutho kithina,” kusho umthombo.
Omunye umculi wokholo uveze ukuthi ibuhlungu into eyenziwa kubo njengamaciko aseThekwini, ngoba abaculi baphesheya ababeqashiwe bakhokhelwa kodwa bona bawuqedile unyaka imali yabo ingangeni.
“Ngizame kaningi ukuxhumana nabantu esasiqashwe yibona ngifuna imali kodwa asikho isixazululo kule ndaba. Kukhona abantu abadlala ngathi phakathi kukamasipala nenkampani eyayisebenza laphaya okuyiyo eyasiqasha. Kungakho manje sesikhethe ukuthi sithinte nina bezindaba kungenzeka kube khona ukungenelela okungaba khona. Okucasula kakhulu wukuthi lo mcimbi sekuthiwa uyabuya, sithathwe kanjani leso sonqumo ekubeni imali yethu ingakhokhiwe,” kuvutha umculi.
Isolezwe lithole ukuthi icishe isondele kuR3 million imali okumele ikhokhwe wumasipala ngalo mcimbi ukuze kukhokhelwe wonke umuntu owayesebenza kuwona.
Ethintwa u-Asanda Mpaise wenkampani i-African Global Networks uvumile ukuthi kukhona amaciko angakakhokhelwa ayeyingxenye yalo mcimbi ngonyaka odlule.
“Siyasiqonda isimo ababhekene naso kanye nokudinwa kwabo, siyaxolisa ngokubambezeleka okube khona. Njengenkampani eyabekwa ukuthi isebenze nomasipala kulo mcimbi besilokhu sixhumana nabo ukuze sixazulule udaba lwemali esele, kodwa lolu daba luthathe isikhathi eside ngendlela nathi ebesingayilindele nokuyinto engekho ezandleni zethu ngoba kukhona imigudu okumele ilandelwe,” kusho u-Asanda.
Uthe bazimisele ngokuthi wonke amaciko ayekhona akhokhelwe futhi bayathemba ukuthi isixazululo sizotholakala maduze.
UNkk Gugu Sisilana, okhulumela uMasipala weTheku, uthe ngokolwazi abanalo uMasipala weTheku wayikhokha yonke imali enkampanini eyayibhekele ukuqasha amaciko.
“Sizoxhumana nabo bonke esasisebenza nabo bese siphenya ukuthi kungani kuze kube manje amaciko engakhokhelwe. Njengedolobha siyakholelwa ekutheni amaciko ethu kumele afukulwe ngakho ukuqashwa emicimbini yalolu hlobo yikhona okwenza ukuthi aphile,” kusho uNkk Sisilana.