Ezokungcebeleka

ULwah uncome ikhono likaMawhoo engomeni abayenze bobabili

Nokubongwa Phenyane|Published

ULwa Ndlunkulu uncoma iphimbo likaMawhoo nokuzinikela kwakhe benza ingoma ethi Nembeza esanda kuphuma

Image: Sithunyelwe

UNCOME intokazi yaseShowe, uMawhoo, umculi uLwah Ndlunkulu athe ibe nokuzinikela ngesikhathi benza nayo ingoma yakhe etsha ethi, uNembeza.

Kule ngoma uLwah uveze ukuthi ikhuluma ngokuveza imizwa yothando nokuthembeka kulowo muntu osuke umthanda.

Echaza ngayo kabanzi, uveze ukuthi izinhlamvu zayo evula ngazo ethi "Sengisuka ngathandana noNembeza dali wam oh sweety yam," iveza ngokusobala imizwa yomuntu osethole umaqondana nongasafuni abanye osezinikele kuphathina wakhe.

"Ukusebenza noMawhoo kule ngoma kube ngathi konke sikwenza ngomlilo, iphimbo lakhe lithwele imizwa ehlukene ehambisana naleso sigaba asuke ezosicula. Ngakho sobabili besifuna ukwenza ingoma ebungaza uthando lwangempela nokuzinikela kumuntu osuke usunaye. Le ngoma kimi ibalulekile kakhulu ngoba ayimayelana nje nokuveza uthando kodwa ihambisana nokukhetha umuntu osuke usumtholile ngaleso sikhathi futhi ume entweni okholelwa kuyona,” kuchaza uLwah.

Uthe uthando ilona agxile kakhulu ngalo ezingomeni zakhe ngoba liyithuluzi elibalulekile njengoba luyinjabulo kwabanye, abanye lubelapha futhi "luyasihlanganisa kwesinye isikhathi njengoba lusithinta sonke".

Ekhuluma ngokuba yingxenye yale ngoma uMawhoo, uveze ukuthi uLwah Ndlunkulu usakhe igama ngokuqamba izingoma zothando nezithinta abathandi bomculo abaningi.  

"Uthando into esithinta sonke emhlabeni. Ngale ngoma bengifuna ukuveza ubuhle bokuba nophathina oyedwa bese uhamba naye ibanga elide, nimbambisene ngokwethembana. Umsebenzi wami uvele ungijabulise, ngibone nokuthi ngenzani njengoba ngisanda kuqokwa emcimbini obungaza abesifazane, i-aBasadi Awards alo nyaka emkhakheni weBest Afro Pop neSong of the Year. Yizona zizathu lezi ezingenza ngiwuthande umsebenzi wami kanjalo nalo lonke ithimba engisebenza nalo," kuchaza yena.

Laba bobabili bathe abangabazi ukuthi lena ingoma izithandani ezizobe zibungaza ngayo izinto ezehlukene empilweni yazo, ezobe iculwa ndawo zonke kuleli.