UKWEZI Ndlovu-Mbambo obhekele iMushroom Lounge, usomabhizinisi uMnuz Vivian Reddy, ikhansela eThekwini uMnuz Thembo Ntuli usomabhizinisi ophinde abe umphathi wendawo iMushroom Lounge, uMnuz Sibongiseni Mbambo, noMeya weTheku uMnuz Cyril Xaba, ngesikhathi le ndawo ihlabana ngendondo yeBest Durban Restaurant emcimbini ama-4th annual Durban Tourism Business Awards
Image: SITHUNYELWE
UMNIKAZI wendawo yokudlela iMushroom Lounge enedumela eMhlanga, eThekwini, uMnuz Sibongiseni Mageza Mbambo, uthe akakholwanga bethola indondo yeBest Durban Restaurant Award, emcimbini weDurban Tourism Business Awards muva nje.
IMushroom imenyezelwe njengendawo yokudlela ehamba phambili kunazo zonke ezikhona kuleli dolobha.
UMageza uthe ubengayibhekile le ndondo njengoba le ndawo beyivule esikhathini esingangonyaka esedlule.
“Kukhona konke, sibonga amakhasimende ethu alokhu eqhubekile nokuseseka aphinde akholelwa ekudleni esinakho okuthathe amehlo abantu abaningi. Abantu abaningi bake bangibuze ukuthi ngenza ucwaningo yini ukuthi uma ngivula indawo yalolu hlobo ngiyenze yaziwe ngokudla kwesintu, okuyikhona okudume kakhulu futhi abantu abaningi badla khona uma befika bezojabula kuyo,” kusho yena.
Uthe akazisoli ngesinqumo sakhe sokwenza ukudla kwesintu kube yikho okugqama phambili kuyo, ngoba ngisho abantu abaqhamuka kwamanye amadolobha bayasho ukuthi iMushroom idume ngakho.
“Ngiyabonga nokuthola uxhaso kuMkhandlu weTheku noMnyango wezokuVakasha eThekwini. Ngibonga neSilo uMisuzulu kaZwelithini, owazifikela mathupha wazothulula izibusiso indawo ivulwa ngonyaka odlule,” kuchaza yena.
Uthe selokhu bavula ngo-Ephreli, wangonyaka odlule, sebehambele ngisho amazwe angaphandle okukhona kuwo idolobha iNew York, lapho babe yoqhakambisa ukudla kwesintu.
UMnuz Cyril Xaba iMeya yeTheku, ubongele le ndawo ngokudla umhlanganiso, wathi emcimbini walo nyaka bathole izicelo ezingu-161 zosomabhizinisi akade befuna ukuqokwa emikhakheni ehlukene.
Abawinile kulo mcimbi emikhakheni engu-17, bonke bahambe nemali engukheshi ukuze bathuthukise amabhizinisi abo ukuqhubeka adonse amehlo ezihambeli.
Kwabawinile imali abayitholile iqala ku-R35 000 kuya phezulu.
UKWEZI Ndlovu-Mbambo obhekele iMushroom Lounge usomabhizinisi uMnuz Vivian Reddy, ikhansela eThekwini uMnuz Thembo Ntuli usomabhizinisi ophinde abe umphathi wendawo iMushroom Lounge, uMnuz Sibongiseni Mbambo, noMeya weTheku uMnuz Cyril Xaba, ngesikhathi le ndawo ihlabana ngendondo yeBest Durban Restaurant emcimbini ama-4th annual Durban Tourism Business Awards
Image: SITHUNYELWE
Related Topics: