U-AMANDA Seome olingisa indawo kaNtombazana emdlalweni uShaka-Ilembe, athi izokwenza ababukeli bayithande abanye bayizonde
Image: Sithunyelwe
INTOKAZI yaseMnabhithi, u-Amanda Seome, isiveze ukuthi kuyayijabulisa ukuthi abazukulu bayo bayoyibona njengomunye wabalingisi abaxoxa umlando ngokubunjwa kwesizwe samaZulu njengoba iyingxenye yomdlalo uShaka-Ilembe.
U-Amanda ulingisa indawo kaNtombazana oyindodakazi kaZwide (Wiseman Mncube).
Kulo mdlalo osukhonjiswe iziqephu ezimbili, kuMzansi Magic, ngeSonto ngo-8 ebusuku, u-Amanda uyintombazane esondelene kakhulu nogogo wayo, iNdlovukazi uNtombazi (Khabonina Qubeka), odume ngobuthakathi.
Ekhuluma neSolezwe u-Amanda, uthe uzizwa enokuthobeka angazi angakuchaza akuthini ngokuba yingxenye yalo mdlalo njengoba yena ebegxile kakhulu ekulingiseni esteji.
Uthe ukuthola kwakhe le ndawo kuzomenza agqame kubantu yize ake aba yingxenye yomdlalo iSide Dish, kwisizini yesibili.
“Angilithathanga kancane ithuba engilinikwe inkampani yokuqopha iBomb Production, lokuba yingxenye yalo mdlalo. Okungijabulisayo ukuthi umdlalo lona osazobonwa iminyaka izingane zami nezingane zazo ziyobona ukuthi ngaba yingxenye yokuxoxwa komlando wesizwe esikhulu kangaka. Uhambo lwami lokulingisa ngiluqale kakhulu emidlalweni yasesteji ngemuva kokuthola iziqu zami enyuvesi iDurban University of Technology. (DUT) Ukuzwa ukuthi ngithole indawo enkulu kangaka, kwangishiya ngimangele futhi ngisebenze kanzima ukuthi ababukeli bawujabulele umdlalo nendawo yami,” kusho u-Amanda.
Uveze ukuthi ukuba sesiteshini esikhulu esifana nalesi kuzomakhela igama ngoba indawo yakhe izogqama ngendlela yokuthi ababukeli abanye bazomthanda abanye bazongayithandi impilo yale ntombazana ezalwa esizweni esinabantu abanezinhliziyo ezilukhuni futhi abaziwayo ngobuthakathi.
“Ababukeli kukhona izinto abangeke bazithande azozenza ezihlanganisa ubuthakathi kodwa abanye bazokubona njengokuthi bekumele lokhu akwenzayo akwenze ngoba naye ungumuntu. Kukhona imiyalelo okumele ayithathe kubantu abadala ekhaya, azi ukuthi uma uyingane uthunywa abantu abadala kumele ukwenze lokho. Ziningi nezigameko esisazombona zimvelela ezithinta umndeni, abantu akhule nabo nezothando, kusazoba kuningi nje,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi kodwa lo mlingisi kuzogqama ukuthatha kwakhe izinqumo naye ayengazi ukuthi uzozithatha.
"Kodwa engikwaziyo ukuthi kukhona ababukeli abazokuthatha kuye nabazokuthola kuyisifundo."
Related Topics: