UTIRELO Kale ongunina wengane kaMpumelelo Mseleku oshiye abaningi bemangele esiqeshini sangeSonto ephendulana noyise wesoka lakhe ngemuva kokuveza ukuthi beliyolobola
Image: Isithombe: Instagram
KUBATSHAZWA ukungabi nanhlonipho okukhonjiswe wunina wengane kaMpumelelo Mseleku,oyindodana kaMusa Mseleku esiqeshini sangeSonto ohlelweni olugqamisa impilo yezingane zakwaMseleku oluthi Izingane Zes'thembu.
UTirelo Kale usezakhele igama ngokubonakala kulolu hlelo njengoba engenye yezintokazi eziqome kulo mndeni osuzakhele igama ngokuveza impilo yawo emphakathini.
Ezinkundleni zokuxhumana le ntokazi ishiye abaningi bebambe ongezansi bebabaza indlela ebiiphendula ngayo uyise wesoka layo uMusa.
UMusa ubebize umhlangano phakathi kwayo nesoka layo uMpumelelo bezoxoxa ngezinto ezithinta ingane abanayo ngoba uTirelo wakhala ngokuthi akayitholi imali yengane.
Kulo mhlangano uMusa ube esephahluka ethi uMpumelelo useyile kolobola intombi yakhe anezinyanga eziyisihlanu ethandana nayo.
Kulapho uTirelo akhombise khona ukungajabuli kwasuka umsindo uMusa ekhuza ukuthi kukhona indlela okungamele le ntokazi ikhulume ngayo uma ifuna ukushadela kwaMseleku.
Bobabili kulapho beqagulisane khona uMusa wagcina ephuma ebashiya.
Ezinkundleni zokuxhumana ababukeli balolu hlelo bababaze indlela le ntokazi eziphathe ngayo.
U-@MellowStardust uthe: “UTirelo useqale nini ukukhuluma ulimi lwesiZulu ngale ndlela akhuluma ngayo manje? Futhi ukhuluma kanjani uma ekhuluma kanjena noyise wesoka lakhe? Oh Musa Mseleku waze wadeleleka."
U-@__hatsi uthe: “UTirelo useqala ukumdelela ubab’ uMseleku manje”.
U-@TumeloPrecious8 uthe: “Indelelo uTirelo ayoyikhombisa kuMusa ngelinye ilanga lokhu akwenzayo kusekuncane”.
U-@MandisaMl uthe: “ Indlela akhuluma ngayo uTirelo noBabakhe”.
U-@NombuleloBango1 uthe: “Intombi ikhuluma kanjena nobabezala”.
Related Topics: