ALAZIWA ikusasa ngomdlalo iGenerations: The Legacy njengoba iSABC isiveze ukuthi inamasizini amabili kuphela enesivumelwano ngawo nabakhiqizi bomdlalo. UVusi Kunene olingisa indawo kaJack Mabaso no- Aubrey Poo olingisa indawo kaKhumo Moroka bangabanye babalingisi abasekhona kulo mdlalo oneminyaka waqala
Image: Sigciniwe
ULENGELA eweni umdlalo iGenerations: The Legacy ngoba iSABC ikhiphe isitatimende esikubeka obala ukuthi kusele amasizini amabili kuphela alo mdlalo owuchungechunge, ngemuva kwalokho basazoxoxa ukuthi kuzokwenzekani.
Lokhu kulandela imibiko eke yavela ngeSonto eledlule yokuthi lo mdlalo kungenzeka uqedwe njengoba ingekho inkontileka yokuvuselela isizini entsha.
Kuthiwa iSABC ibingakaziqali izingxoxo neMorula Pictures, okuyinkampani eqopha lo mdlalo kaMfundi Vundla.
Esitatimendeni esikhishwe iSABC, ngomlomo kaMmoni Ngubane ophethe ezokuxhumana baveze ukuthi ngemuva kwazo zonke izinkulumo ezivelile bakhethe ukuthi baphumele obala ngekusasa lomdlalo.
“Isizini ekhonjiswayo manje eka-33 futhi ingaphansi kwenkontilela esinayo nabashutha umdlalo. Isivumelwano sesizini ka-34 sikhona futhi sisemaphethelweni okuthi siqedwe phakathi kwezinhlaka zombili iSABC neMorula Pictures,” kusho uMmoni.
Zombili izinhlaka ziveze ukuthi ziyakuqinisekisa ukuthi iGenerations: The Legacy, izoqhubeka nokukhonjiswa kwiSABC1, ngaphandle kokuphazamiseka amasizini amabili abawavezile.
“Njengenhlangano yokusakaza iSABC sithanda ukudlulisela ukubonga kwethu kwiMorula Pictures, nabo bonke abalingisi, abasebenzi ngokuqhubeka bezinikela kulo mdlalo osube nempumelelo enkulu futhi waqoqa izindondo eziningi. Ababukeli bangalindela okuningi okuzobashiya bekhexile okuzokwenza emdlalweni,” kuphetha uMmoni.
Kuvela lokhu nje, akwaziwa ngekusasa lomdlalo iMuvhango kwiSABC2 ngoba nakhona kuvele ukuthi umdlalo uyagoqwa ngoJulayi. Kodwa iSABC ayiphawulanga lutho ngalokho.
Ezinkundleni zokuxhumana kuke kwavela ukuthi uyaphela umdlalo iSkeem Saam, okhonjiswa kwiSABC1.
Emasontweni edlule kwethulwa umdlalo Amalanga Awafani ozokhonjiswa kwiSABC1 kusuka ngo-Ephreli 28, uLala Tuku obhekelele imidlalo yakuleli eziteshini ezihlukene waveza ukuthi basezinhlelweni zokuthi imidlalo emisha abanayo ingadonsi isikhathi eside.
Ugcizelele ukuthi bafuna imidlalo ibe neziqephu ezigcina ku-150 kuya ku-250, okungunyaka noma emibili.