Ezokungcebeleka

Uzovulwa ngendumezulu yomthandazo okaNtanzi eMabhida

Nokubongwa Phenyane|Published

UTHEMBISA into yamehlo enkundleni iMoses Mabhida umculi wowokholo u-Ayanda Ntanzi, lapho okuzobe kubanjelwe khona umcimbi wakhe i-Ayanda Ntanzi: One Man Show ezoba ngoMgqibelo kusuka ngo-5 ntambama

Image: Sibonelo Ngcobo/ Independent Media

UTHEMBISA imfashini ezobe idonsa amehlo abaningi uma esenandisa ngezingoma zakhe, umculi ocula  owokholo u-Ayanda Ntanzi kusasa ozobe enedili lomcimbi eMoses Mabhida, eThekwini.

Kwi-Ayanda Ntanzi: One Man Show, kulindeleke ukuthi u-Ayanda acule izingoma ezintsha nezindala njengoba inhloso yayo kuwukuzohlanganisa abalandeli bakhe ukuze bajabulele izingoma zakhe ezehlukene.

Ekhuluma neSolezwe u-Ayanda, uveze ukuthi ufihle induku emqubeni kusuka emkhulekweni ozoqala ngo-5 ntambama, okuyothi ngo-6 bese kungena yena esiteji.

UTHEMBISA into yamehlo enkundleni iMoses Mabhida umculi wowokholo u-Ayanda Ntanzi, lapho okuzobe kubanjelwe khona umcimbi wakhe i-Ayanda Ntanzi: One Man Show ezoba ngoMgqibelo kusuka ngo-5 ntambama

Image: Sibonelo Ngcobo/ Independent Media

"Ngimema wonke umuntu ongakwazi ukuthi aqale emkhulekweni abe khona asheshe afike kodwa ngiyanxusa ukuthi abeza kulo mcimbi kushaye ihora lesithathu okuyovulwa ngalo amasango, bebe sebekhona. Isikhathi siyosigcina ngenxa yokuthi umcimbi ngo-12 kumele sibe sesiwuvala. Ngiphethe izinkunzi ezizokhuleka kule nkundla kuhambe wonke amadimoni kusinde abantu kuzona zonke izinkathazo ezizobe zibahlasele. Ngizocula izingoma zami ezintsha engizozethula okokuqala phambi kwabazobe bekhona, bese ngikhipha unyawo nakwimfashini engizongena ngayo esiteji njengoba ngizoshintsha kane," kuchaza yena.

Uveze ukuthi abangakawatholi amathikithi abahambe bayowathenga njengoba esekhona eWebticket.

"Uhlelo esinalo olokuthi kungabi bikho muntu ozosokola kusuka kulabo abazobe besesiteji kanjalo nabazobe behlezi enkundleni. Isimo sezulu ngeke sibe sibi futhi sinazo nezinhlelo ezizokwenza wonke umuntu awujabulele umcimbi ngisho noma kwenzekani," kuchaza yena.

Isolezwe izolo lihambele eMabhida, lafica isiteji sesimile futhi kukhona nabasebenzi abebehlanza izihlalo, kucaca ukuthi kuza lukhulu.

U-Ayanda uthe abazohambela umcimbi uyathembisa ukuthi bayoze bahambe belokhu beme ngezinyawo.

Ngonyaka odlule, lo mcimbi waba yimpumelelo njengoba waba wundabamlonyeni kwabaningi ababewuhambele e-ICC, eThekwini.