Ezokungcebeleka

UMzansi Magic uzogubha iminyaka ewu-15 ngesiteshi esisha

Nokubongwa Phenyane|Published

UMDLALO Isibaya ukweminye emikhulu eyaba nedumela esiteshini iMzansi Magic. Ukhuza ibuya kusukela ngoMgqibelo esiteshini iPop Up Channel ezotholakala kwiDStv (196). Kulo mdlalo uNomzamo Mbatha, Siyabonga Thwala noBheki Mkhwane babekwabanye babalingisi ababehamba phambili

Image: Sigciniwe

IMIDLALO eyaba nedumela esiteshini iMzansi Magic (161), okukhona kuyo Isibaya, Lockdown, Inkaba, Rockville neDate My Family, ikhuza ibuya esiteshini esisha esizoqala ukukhonjiswa kusasa njengoba lesi siteshi sigubha iminyaka engu-15 sasungulwa.

I-Pop-Up Channel ezotholakala (kwiDStv 196), kulindeleke ukuthi ikhumbuze abantu ukuthi isiteshi uMzansi Magic sisuka kuphi.

UNomsa Philiso ophethe iziteshi zakuleli kwiM-Net, uthe inhloso yabo wukubheka emuva lapho besuka khona njengoba eminye yale midlalo nezinhlelo abazikhombisayo kuyikona okwakha lesi siteshi saba yilokhu esiyikona manje.

"Umdlalo Inkaba waba ngowokuqala ukuthi ukhonjiswe kulesi siteshi ngo-2012, Isibaya ngo-2013 saba wumdlalo wokuqala owuchungechunge kulesi siteshi. Uhlelo iDate My Family lwaqala ngo-2017, lwavulela ezinye izinhlelo ezithinta impilo yabantu esinazo esiteshini manje. Kwathi ngo-2017, saphinde sethula umdlalo wokuqala owawulingiswa abantu besifazane kuphela okuyinto kithi eyaba nkulu yingakho sikhethe ukuthi sibuyise lezi zinhlelo kulesi siteshi ngoba ziwumlando kithina," kusho uNomsa.

Uthe kule minyaka engu-15, bathinte abantu ngezindlela ezehlukene uma kuza ezinhlelweni ezimnandi futhi ezigcina ababukeli bethe njo kumathelevishini abo.

“Siletha lokhu abantu abakwaziyo nabakuphilayo emphakathini nsuku zonke, okunye okubakhuthaza ngezindlela ezehlukene. Sibonga uxhaso esilutholile kule minyaka njengoba uMzansi Magic okwenza uhluke kwabanye wukuthi nje awugcini ngokuxoxa izindaba ezehlukene kodwa uveza izinto zezinhlanga ezehlukene okuyinto edonse amehlo abantu," kuchaza yena. 

Lesi siteshi uthe siyiindlela yabo yokubonga kubantu bakuleli okuyibona abakhombise ukukhula futhi bazinikela ekubukeni izinhlelo zabo wathi babheke phambili ngezinhlelo nangemidlalo emisha. 

Eminye imidlalo nezinhlelo ezizokhonjiswa kukhona umdlalo Isithunzi, Igazi, Abomama, Diski Divas, Mo and Mome nezinye.