UKHETHE ukubuyela kuleli ukuze kufezeke iphupho lakhe lokuba wumculi uSmiso Shezi waseGreytown osanda kukhipha ingoma ethi Bill
Image: Sithunyelwe
UKHETHE ukuthi abuye eMelika, ukuze azokwenza umculo we-piano, uSmiso Shezi ozalwa eGreytown.
USmiso uthe uthando lomculo lwahlwayelwa abaculi bakudala beminyaka yawo-1990, ababenza i-hip-hop.
Ekhuluma neSolezwe uSmiso osezinze eThekwini futhi osanda kukhipha ingoma ethi Bill, uveze ukuthi ukuhlala edolobheni eNew York yikhona okumenze wathanda ukwenza umculo.
"Hhayi nje ngoba ngithanda i-piano kuphela kodwa futhi izingoma zami zinaso nesigqi sehip hop. Ingoma ethi Bill ikhuluma nempumelelo nokufeza amaphupho. Uthando lwami lokuthi ngiqale ngikhiphe izingoma luqale ngisahleli eMelika, la ngibone khona ukuthi okuzongisiza wukuthi ngibuyele ekhaya ngizokwenza umculo wami okuyinto engijabulisile. Ngisebenze kanzima ukuze ngifike la ngikhona futhi ngijabule ngempumelelo yami," kusho uSmiso.
Uveze ukuthi kule ngoma upike iBlaqa Major, DM Keey noLuvintage.
"Ngifuna le ngoma ijatshulelwe abantu abasebenze kanzima bese bebona impumelelo. Iveza izimfundiso eziningi ezithinta ukuzikhandla bese kuthi uma usuphumelele ujabule. Ngifuna kube yingoma okuthi uma umuntu eyilalele, angalahli ithemba kodwa abuke izinto anazo azisebenzelile bese eyathokoza," kuchaza yena.
Uveze ukuthi okunye akufisayo wukutshala ithemba entsheni yase-Afrika ukuze yenze konke uma ifuna ukuphumelela kwekufisayo.
Related Topics: