USAZIWAYO uNonku Williams osephumele obala ngesimo okuke kwakhulunywa ngaso ngisho ohlelweni iThe Real Housewives of Durban, sokuthi uhlale ephuza utshwala aveze ukuthi yinto eyayidalwa yilokho ukuhlukumezeka emshadweni ayekuwo
Image: Image:Instagram/@nonkuwilliaams
UNONKU Williams useveze ukuthi umshado wakhe wamphendula umlutha wotshwala ngenxa yokuhlukunyezwa owayengumyeni wakhe.
UNonku ozakhele igama ohlelweni iThe Real Housewives of Durban, uveze ukuthi ukukhulela ekhaya la ayebona khona uyise ehlukumeza unina akumenzanga wangafuna ukushada.
Uthe ngendlela ayefuna ngayo ukushada konke ayekhule ekubuka akubanga nomthelela ekutheni angafuni ukushada.
Ubekhuluma ohlelweni i-Untied oluqale kwiShowmax ngoLwesibili nalapho kuzobonakala osaziwayo bekhuluma ngokuphela kwemishado yabo.
“Mina kubona bonke ubudlelwane engangingena kubo ngangifuna ukushada. Kwaze kwaba ngihlangana nowesilisa engashada naye sengimzalele ingane. Ukuqala kwakhe ukuveza ukuthi ungumhlukumezi ngangizikhiphile nabangani bami naye kukhona uhambo ayeluthathile. Kwathi uma ngikhuluma naye wakhombisa ukungajabuli, futhi wangangikhulumisa isikhathi eside, waqala ukungibiza ngamagama ethi ngiyisidakwa ngokuhamba nje nabangani,” kuchaza yena.
Uthe ayekusaba wukushiya umshado wakhe yize ayesebona ukuthi umyeni uyamhlukumeza.
“Nginezingane ezimbilinowayengumyeni wami, ngangisaba ukuphelelwa wumshado wami, ngishiywe owesilisa futhinjengoba kwenzekile kulaba engase ngihlukene nabo. Engangikwazi wukuthi uyisilwane, ngangisaba ngisho ukuveza imibono yami kuye ngoba wayevele adinwe. Ngangicabanga kuqala ngaphambi kokuthi ngisho into, ngoba inhlamba ayenayo yayithusa wayehlala engibiza ngesif**&, ngisho umama ongizalayo wayembiza ngalelo gama. Kwagcina ngokuthi ngingayi ekhaya futhi ngingaboni nabangani bami, okwaholela ekutheni ngihlale ngikhala ngizivalela endlini ngazengehla emzimbeni kodwa yena ebe ezijabulisa nabangani bakhe. Ngangenza lokhu ngoba ngisaba ukuthi angishiye ngisale nezingane ezimbili ezingenayise ngoba ngithi akekho owesilisa oyophinde angithande,” kuchaza yena.
Uthe ekugcineni wathatha isinqumo ngemuva kweminyaka emihlanu beshadile, njengoba axoxela omunye wabangani bakhe ukuthi kwenzekani emshadweni wakhe.
“Wangikhiyela endlini, wangishaya wangikhahlela esiswini ngikhulelwe ingane yakhe yesibili, nginezinyanga eziyisikhombisa. Ngathola ukuthi unentombi wangishaya ngoba ngithinte ucingo lwakhe. Wayeyindoda eyisidlakela wangikhiphela ngaphandle endlini ngigqoke isikhindi sangaphansi nesikibha. Ngagula ngenxa yokungishaya kwakhe, kodwa kunokuthi angiduduze wangitshela ukuthi kumele ngilungise isimo sami,” kuchaza yena.
Uthe ngezinye izikhathi umyeni wakhe wayemshayela izinto angazazi, okwagcina ngokuthi aze amkhombe ngesibhamu phambi kwezingane futhi amshaye ngisho phambi konogada bendawo ababehlala kuyo.
“Ngashiya umshado wami ngemuva kokuthi engishayele umthetho ngemali yami. Ngathatha isinqumo ebusuku, ngavuka ekuseni ngahamba. Ngamfonela sengimtshela ukuthi sengimshiyile, wabona ukuthi ngiyadlala. Ngahamba futhi ngaqasha abaqaphi. Ngangisesimeni esihle emalini ngathenga umuzi ngafaka isehlukaniso,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi utshwala iyona ndlela azama ngayo ukudlulisa ubuhlungu ayedlule kubo, ngoba wayelala ngabo ngenxa yokuhlala ekhala.
“Sengamxolela, akukho lapho engisiza khona ngezingane kodwa ngiyavuma ukuthi zimbone,” kusho yena.
Uveze ukuthi namanje usazisola ngephutha elikhulu alenza ngobunye ubudlelwane aba nabo nowesilisa owaduma ngelikaRD, owabonakala ohlelweni ayekulo.
Uveze ukuthi okwamhlukanisa noSfiso Ncwane, isilomo somculo wokholo, wukuthi wayengumuntu othanda abantu besifazane futhi wayesenomkhuba wokungabuyi efulethini ababehlala kulo. BenoSfiso banengane uNothile okuyiyona yokuqala kanti uthe wahlukana naye enezinyanga eziyisithupha ekhulelwe.
Uthe usakholelwa emshadweni kodwa kulokhu nowesilisa omesabayo uNkulunkulu.
Related Topics: