Umsunguli wetende iHalisi Afrique Marquee uPru Zulu, uNkosikhona Gumede, obhekelele itende iDurban July Amabhinca noNolwazi Maselana ongumqondisi etendeni iHalisi esithangamini sabezindaba, njengoba bebezomemezela ukuthi kuzobe kuphithizela amabhinca kuleli tende okuyinto yokuqala ukubonakala kulo mcimbi
Image: Tumi Pakkies/ Independent Media
KUZOQOPHEKA umlando kulo nyaka emcimbini wamahhashi iHollywood Durban July eGreyville, njengoba amabhinca ezobonakala etendeni lawo ngokubambisana nebesiliyingxenye yalo mcimbi iminyaka emine, iHalisi Afrique Marquee.
Lokhu kuvele izolo, esithangamini sabezindaba ebesibanjwe eLa Lucia, eNto's Boutique.
UPru Zulu wetende iHalisi, uveze ukuthi bese beneminyaka emine benetende kulo mjaho kodwa kulo nyaka bahlele ukuthi bahlanganyele nenkampani iFast & Quick, yona ezobe ezokwethula umkhakha owaziwa ngeDurban July Yamabhinca.
“Sibone ukuthi asihlanganyele sonke ukuze senze into engakaze ibonakale kulo mcimbi. Kuyajabulisa ukuthi kwenzeke umlando ofana nalona esithemba ukuthi uzohlanganisa abantu abaningi abahlukene,” kusho uPru.
Uveze ukuthi abantu bangathuswa indlela amathikithi abo abiza ngayo njengoba ubumnandi, ukudla, ithikithi lokungena, elokupaka neziphuzo bekufake konke emalini ezokhokhwa.
“Sibala konke kumathikithi ukuze abantu abazoba setendeni lethu, bangasweli lutho oluhlanganisa umcimbi,” kuchaza yena.
UNkosikhona Gumede uveze ukuthi kulo mcimbi kunamatafula ayishumi aqanjwe ngamaqhawe kamaskandi asadlula emhlabeni okukhona kuwo uMgqumeni, uMtshengiseni, Bhekumuzi Luthuli nabanye.
Uthe kulo mcimbi liyoze lishone kukhala isiginci njengoba abaculi bakamaskandi baseSouth Coast uNyoni Emhlophe noMuntu Uyenziwa, bazodlala bukhoma isiginci kulo mcimbi.
“Siyabonga kubahleli betende iHalisi ukuthi bawamukele umbono wethu wokuthi sihlangane thina size namabhinca kulo mcimbi. Lokhu ukuqopheka komlando kwento engakaze ibonakale njengoba ingqephu yamabhinca izobonakala ihambisana nemfashini ephezulu,” kuchaza yena.
UNkosikhona uveze ukuthi ngenxa yokuthi umcimbi lona ohambisana nesikhathi bakhethe ukumema abaculi abane bakamaskandi abazojabulisa izethameli.
“ULimit Nala, Menzi Mabizela, Sminofu, Igcokama Elisha, Mawhoo, Mdu Masilela noDJ Merlon ibona baculi abazobe bekhona kulo mcimbi. Simema wonke umuntu sithi akavunule bazojabula nathi kulo mlando esizowuqopha. Simema abantu abasuka kuwona wonke amadolobha ukuthi bafike, hhayi nje abaKwaZulu-Natal kuphela. Simema abahlala emadolobheni, emalokishini nasemahostela ukuthi bafike,” kuchaza yena.
Umhleli wephephandaba iDaily News elinguzakwabo weSolezwe u-Ayanda Mdluli, uveze ukuthi bayakujabulela ukuphinde babe yingxenye yabaxhasi balo mcimbi.
Uthe abakujabulela kakhulu ukuthi basebenzisana neSolezwe okuyilona phephandaba eligqamise umculi kamaskandi kuleli.
Amathikithi alo mcimbi kubantu abazobe behamba ngababili bathe abiza u-R13 000, abahamba ngabane awabo azobiza u-R36 000 kanti abantu abazowathenga beyishumi awabo azobiza u-R67 000.
Related Topics: