UNOMUZI Mabena obephethe uhlelo esithangamini ebesihlelwe wuTheo Baloyi wenkampani ekhiqiza amateku nophaqa iBathu, obehambisana noThatiso Dube wenkampani iGalxboy noDJ Zinhle okhiqiza amacici nezimpahla ngaphansi kwenkampani yakhe i-Era by DJ Zinhle
Image: Tumi Pakkies/ Independent Media
UDJ Zinhle useveze ukuthi kuyacasula ukuthi kube khona abantu abenza imikokotelo yezimpahla zabo, ekubeni bengazisungulela awabo amabhizinisi badayise njengabo.
Ukusho lokho izolo ngesikhathi inkampani ekhiqiza amateku iBathu kaTheo Baloyi, inesithangami nentsha yaKwaZulu-Natal ukuyicushisa emkhakheni wamabhizinisi.
Lesi sithangami besiseMhlanga, eSplendid Inn.
Bekukhona osomabhizinisi abadumile okukhona kubo uDJ Zinhle okhiqiza izimpahla ezaziwa nge-Era noThatiso Dube weGalxyboy.
UZinhle uthe ujabule ngokuba kulesi sithangami njengoba emenyiwe ukuzofundisa intsha ukuthi ibhizinisi liqalwa kanjani futhi uligcina kanjani lenza kahle.
“Kusho lukhulu kimi ukuthi ngibe semcimbini ofana nalona nentsha ukuzonikana nayo amacebo okuthi ingazivulela kanjani amabhizinisi ayo, njengoba kuyinto okumele ungayijahi. Siphila ezweni la intsha iswele khona umsebenzi. Uma kukhona onentshisekelo ngakho kumele ukwenze. Kuyangijabulisa ukubona abantu abasha abangaka abazolalela esikushoyo, okusho ukuthi banalo ithemba lokuthi nabo ngelinye ilanga bangaqala into ephumelelayo,” kusho uZinhle.
Uthe indaba yabantu abenza imikokotelo iyabalimaza futhi kodwa akukho abangakwenza.
“Inesicefe engingazi ukuthi ngingasichaza kanjani ngoba abantu ngabe benza okwabo kunokuthi benze lokhu esesikuqalile.”
UTheo uthe wenza izithangami ezifana nalezi ukukhuthaza intsha wathi kuyasiza ukuthi zikhathi zonke bahlanganise amakhanda babonisane.
“Lokhu wukukhuthaza intsha yakusasa okuyiyona eyoba namabhizinisi afana nawethu eminyakeni ezayo. Akungathi nje kuphela esinamabhizinisi kodwa kungawo wonke umuntu wakuleli ukuthi singakhuthazana kanjani ukuthi siye phambili. Siyabonga kuyona yonke intsha efike namhlanje kuyacaca ukuthi siya kude ngempela,” kuchaza yena.
UThatiso uveze ukuthi ukubukela ebantwini ayekhula phansi kwabo abenza izimpahla ezaduma okukhona kuzo amaKip-Kip, yikhona okwamenza wafuna ukuqala ezakhe.
“Ukubona umuntu omnyama eqala ukukhiqiza izimpahla kwangenza ngaqala uphenyo lokuthi nami ngingaqala kanjani. Ngempela namhlanje ngijabule ukuthi ngila ngikhona futhi abantu balamukele ngezandla ezimhlophe ibhizinisi lami. Ngingakujabulela ukuthi intsha esizokhuluma nayo namhlanje ikuthathe lokhu esizoyitshela khona, ikusebenzise ngoba nathi kwasisebenzela,” kuchaza yena.
UNomuzi Mabena, ongumphathi wezinhlelo nomrepha, uyena obephethe uhlelo.
Kwabanye osomabhizinisi abancane baseThekwini abebekhona kubalwa uDJ Sjerere waKwaMashu nomsakazi weGagasi FM uDJ Happygal.