Ezokungcebeleka

Kubhekwe ushintsho 'kostufuza' ngohlelo olusha

Nokubongwa Phenyane|Published

UNONHLANHLA Shabangu, Mixon 'Tsekeleke' Tholo noMaletsatsi Otukilei abazobonakala bezama ukwehla emzimbeni ngenxa yokujabulisa izithandwa zabo

Image: Sithunyelwe

U-MIXON “Tsekeleke” Tholo 40, Maletsatsi Otukilei 35 noNonhlanhla Shabangu 29 abagqame enkundleni uTik Tok futhi abagxekwe kakhulu ngemizimba yabo, abanye babakhuthaza ukuthi bathole usizo, yibona abazogqama ohambeni lokushintsha indlela imizimba yabo ebukeka ngayo ngenxa yokuvikela ubudlelwano bezothando.

Lokhu bazokwenza ohlelweni i-Lose it or Lose Me, oluzoqala kuMzansi Magic (161), kusuka ngoJulayi 8, ngo-8 ebusuku.

Laba bamenyezelwe kwabezindaba ngoLwesibili ntambama.

Kulolu hlelo kuzobonakala abantu asebenqunyelwe ugwayi katiki yizithandwa zabo ukuthi bathathe lolu hambo noma kuphele ngobudlelwano abakubo.

UNonhlanhla uke wabonakala kwenye yama-video, ecela usizo lokwehla ezimbeni ngenxa yokuthi usevuvukala imilenze okwenziwa yisimo sakhe somzimba.

Uveze ukuthi useze waqala uhambo esibhedlela iBaragwanath, lapho odokotela bemtshele khona ukuthi unesifo esaziwa nge-Elephantiasis.

“Esibhedlela bangiyalele ukuthi nginyakazise umzimba kodwa okungangihlali kahle ukuthi ngichitha usuku lonke khona. Ngicela owazi la ngingathola khona usizo,” kukhala le ntokazi kuTik Tok.

Ngemuva kwalokho, iphinde yafaka ama-video isiqala ukugijima, abantu bayincoma kakhulu ngokuzikhandla kwayo.

Ohlelweni, u-Irvin Pooe uthe bazoqala ukubonakala nemizimba yabo emidala kuze kube bayashintsha ngenxa yosizo abaluthola kubantu abahlukene abazoba yingxenye yohlelo.

Kubo kuzobonakala uPhakamile Nqobile Ngubane ongudokotela obhekele indlela abantu abadla ngayo, uDuduetsang Phele oqeqeshelwe ukusiza abantu behlise umzimba ngendlela yokudansa nezinye izindlela. USibongile Ngoma noTsepang Mokoena, yibona abazobe besiza laba abathathu behlise umzimba. 

Bazobe besebenzisa izindlela ezehlukene zokuzivocavoca. 

“Siyazi ukuthi ngohlelo olufana nalolu sizothinta abantu abahlukene bakuleli, ababhekene nobunzima bokwehla emzimbeni, ukuzinakekela kanjalo nezingqinamba ezehlukene zobudlelwano bezothando. Siyazi ukuthi abantu abazobuka uhlelo bazoba nemibono ehlukene ngalo,” kuchaza u-Irvin.